ZIYIKHALELE indoda (36) esolwa ngokuqoba umshana wayo oneminyaka eyisishiyagalombili yamfaka emathoyilethi amabili ahlukene eBaldaskraal eDriefontein.
Umsolwa uboshwe izolo ekuseni kulandela ukulahleka kukaCelimpilo Nosbusiso Sibiya (8), owaduka kade ekubo ezidlalela.
Isolezwe like labika ngokuduka kwale ntombazanyana obekuthiwa umndeni wayo wayigcina isegcekeni ngoNovemba 6, yangabe isatholakala.
Icala lokulahleka kwale ntombazanyana lize lavulwa ngoMsombuluko nokwenze amaphoyisa ashaya amakhala.
Kube sekuhlonywa ngemibuzo uninalume kamufi, ovele wavuma ukuthi uyamazi umshana wakhe ukuthi ukuphi, wabe esekhombisa amaphoyisa amathoyilethi omgodi amabili lapho afaka khona izicubu zomzimba wale ntombazanyana.
Umthombo weSolezwe osondelene nalolu daba ongathandanga ukudalulwa uthe yize kuseyindida ukuthi kungani kwenzeke lesi sigameko kodwa kusolakala ukuthi le ntombazanyana iduke emuva kokuduka kukaR20 obekusolwa ukuthi uwebile njengoba esikoleni sayo bekucelwe abazali ukuthi banikele ngemali kapholishi wokuhlanza isikole.
“Okusavelile ukuthi ingane kade icele imali yomnikelo wesikole wokuthenga upholishi wokuhlanza amakilasi. Kuthe uma inganikezwa le mali ekhaya, kwabe sekuduka uR20 kwasolwa umufi ukuthi nguye owuthathile. Lokhu sengathi kumcikile umsolwa, washaya le ngane yaze yashona wabe eseyiqoba, wayilahla emathoyilethi ahlukene,” kusho umthombo ocele ukungadalulwa.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt. Colonel Thulani Zwane, uthe lesi sihlobo sizobhekana necala lokubulala.
“Ngeshwa ingane obekubikwe ukuthi idukile itholakale isishonile. Uphenyo lwamaphoyisa abefuna le ngane lubaholele ekutheni kuphoswe ngemibuzo ilungu lomndeni.
“Namhlanje ekuseni (izolo) lona wesilisa oneminyaka engu-36 uyalele amaphoyisa emathoyilethi omgodi amabili nokuyilapho kutholakale khona izicubu zale ngane. Kube sekuvulwa icala lokubulala, umsolwa ube eseboshwa. Kulindeleke avele enkantolo yaseMnambithi maduze,” kusho uZwane.
Omunye umthombo nawo ongathandanga ukudalulwa uthe umsolwa ubengomunye obehamba namalungu omphakathi kufunwa le ntombazanyana.
“Kumangaze abaningi ukuboshwa kwalo msolwa ngoba uyena obehamba phambili ngesikhathi kubhekwa umufi kanti unolwazi lonke ukuthi ukephi njengoba ekwazile ukukhombisa amaphoyisa amathiyilethi omgodi amfake kuwo. Umphakathi ubufuna ngisho ukumlimaza ngenxa yalesi sigameko,” kusho umthombo.