UBOSHIWE owesifazane (21) waseNewcastle okuthiwa ushaye ingane yakhe waze wayiklinya wabe eseziqopha enza lokho.
Ubekwe icala lokuzama ukubulala indodana yakhe okuthiwa ineminyaka emibili.
Kuthiwa lokhu wakwenza ngoJanuwari 8. Kuthiwa wakwenza ngoba wayexabene noyise wengane manje efuna ukumzwisa ubuhlungu ngokuhlukumeza ingane yabo.
Uvele enkantolo yaseNewcastle ngoJanuwari 10 icala lahlehliselwa uJanuwari 21 azocela ngawo ibheyili.
Kuthiwa omunye osondelele naye wathola okuqoshiwe okumveza eshaya ingane yakhe wase eyobikela amaphoyisa.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, usiqinisekisile lesi sigameko wathi uphenyo lusaqhubeka.
“Owesifazane oneminyaka engu-21 uboshwe amaphoyisa ophiko oluphenya amacala odlame lwemindeni, ukuvikelwa kwezingane namacala ocansi eNewcastle. Uvelile enkantolo icala lahlehliselwa uJanuwari 21 nonyaka ukuze afake isicelo sebheyili. Ngokophenyo olusenziwe umsolwa ubhekene necala lokuzama ukubulala kulandela isikhalo esithi ngoJanuwari 8 nonyaka waziqopha eshaya ingane yakhe, waphinde wayiklinya. Isigameko sabikwa emaphoyiseni, aqala uphenyo kwabe sekuboshwa umsolwa,” kusho uCol Mbele.
Ingane kuthiwa inikezwe uyise ngoba unina esagcinwe esitokisini.