LIBOSHIWE iphoyisa lakwaCeza okuthiwa izolo ekuseni lidubule unesi wesilisa wafa ngoba limsola ukuthi ubethandana nenkosikazi yalo.
Kuthiwa unesi ubekade esebenza nenkosikazi yephoyisa, nayo engumhlengikazi, esibhedlela iThulasizwe.
Umthombo weSolezwe uthe: “Ubeqeda ukwehla emotweni evela emsebenzini. Kuthiwa iphoyisa, ebelihamba ngezinyawo, bese livele limlindile, lakhipha isibhamu lamdubula.”
Uthe umuzi wephoyisa uyibangana nalapho bekuqashe khona unesi.
Kuthiwa iphoyisa lase like layikhuluma indaba yokushendezana kwenkosikazi yalo nonesi. Phambilini wayeseke wababamba, umndeni wamhlawulisa unesi.
“Ngesikhathi libabamba okokuqala iphoyisa lamshaya unesi kodwa ngenxa yokushuba kwesimo kwadingeka ukuthi kungenele imindeni ukulungisa udaba. Unesi wahlawuliswa uR40 000 ngokufohla esibayeni somnumzane,” kusho umthombo.
Kuthiwa baqhubekile nokushendezana nakuba esehlawulile unesi.
Kuthiwa iphoyisa lihlalile lalinda amaphoyisa ngemva kokudubula lo nesi. Akuthathanga sikhathi afika alibopha.
Ngaphambi kokuthi iphoyisa lithole umsebenzi wobuphoyisa like langenela ukhetho lohulumeni basekhaya ngo-2011 limele iNational Freedom Party.
Imizamo yokuthola umndeni kamufi ayiphumelelanga
Okhulumela i-Independent Police Investigative Directorate, uNksz Ndileka Cola, ukuqinisekisile ukudutshulwa kukanesi.
Ngesikhathi sokushicilela uthe abaphenyi bebesasendaweni yobugebengu benza uphenyo.
Uthe imininingwane egcwele izotholakala ngokuhamba kwesikhathi.