KUBE nesikhalo ngokuboshwa kowesifazane obebhikisha engagqokile ngoba ekhala ngokuhlukunyezwa ngokocansi.
UNksz Gugu Ncube ube ngundabuzekwayo ezinkundleni zokuxhumana okubalwa kuzo uTwitter izolo ngesikhathi kusabalala i-video yakhe egqoke iphenti nesikibha ebhikisha ngaphandle kweziNdlu zoMbuso i-Union Buildings ngoba ekhala ngokuhlukunyezwa kwakhe athe kwenzeka esasebenza esikhungweni semfundo ephakeme i-University of South Africa (Unisa).
Kule video uzwakala ebalisa ngokuhlukunyezwa ngomunye wabaphathi athi wayefuna alale naye. Uphinde aveze ukuthi wabika kubaphathi base-Unisa kodwa kwangenziwa lutho. Uthe kunokuthi athole usizo lesi sikhungo sathi usulile emsebenzini.
Kule video uze aveze negama lomphathi amsola ngokumhlukumeza nathe wayefuna alale naye.
Kwenye i-video ubonakala ethathwa ngamaphoyisa esifazane angaphezu kwamahlanu amphoqa ukuthi angene evenini yamaphoyisa ngenkani
Elinye lamalungu omphakathi abonakala kuyona lizwakala liwabuza ukuthi uboshelwani, bese kuphendula elinye lamaphoyisa lithi uboshelwa ukungaziphathi kahle emphakathini.
Esitatimendeni, i-Unisa ithe ikhathazekile ngesenzo salona wesifazane abathe ubesebenza kwesinye isikhungo ebesixhaswe yinyuvesi i-Unisa Centre for Early Childhood Education (UCECE).
Bathe okubakhathaza kakhulu ukuthi akukhona okokuqala lona wesifazane ezama ukwehlisa isithunzi senyuvesi emuva kokuphela komsebenzi wakhe.
Bathe ngenxa yokuthi lesi sikhungo sizimele, lona wesifazane akakaze aqashwe yinyuvesi.
Baveze nokuthi usifakile isikhalo sokuhlukunyezwa kwase kulandelwa imigudu efanele ukubhekana naso okubalwa kuzo ukumiswa kwabasebenzi abathile okubalwa kubo nalabo ababengamalungu ebhodi i-UCECE
Bathe emuva kophenyo olunzulu kwavela ukuthi akukho okubambekayo ezinsolweni ezazibekwe kuloyo msebenzi owayesolwa.
“Noma silihlonipha ilungelo lokuthi alwele akholelwa kukhona kodwa mayelana nokungaphatheki kahle ngendlela kodwa siyamnxusa ukuthi ayeke akwenzayo nokuthi angalifaki igama lenyuvesi endabeni ephakathi kwakhe ne-UCECE. Inyuvesi ayikweseki ukuhlukunyezwa nanoma yikuphi futhi izithathela phezulu izindaba ezithinta ukuhlukunyezwa,” kusho uthishanhloko walesi sikhungo, uSolwazi Mandla
Makhanya.
Abantu banikele ezinkundleni zokuxhumana begxeka ukuboshwa kwakhe abanye beveza ukuthi kufana nokuthi usehlukumezeka okwesibili.