OBENGUMSAKAZI woKhozi FM uNgizwe Mchunu nonkosikazi wakhe wesibili uLindi uMaKhuzwayo (okwesingezansi) ombophisile ngemuva kokuthi emshayile ngoLwesihlanu ebusuku
OBENGUMSAKAZI woKhozi FM uNgizwe Mchunu nonkosikazi wakhe wesibili uLindi uMaKhuzwayo (okwesingezansi) ombophisile ngemuva kokuthi emshayile ngoLwesihlanu ebusuku
UNgizwe usolwa ngokuvulela isibhaxu kuLindi Khuzwayo ashada naye ngokwesintu ngo-2014.
UNgizwe usolwa ngokuvulela isibhaxu kuLindi Khuzwayo ashada naye ngokwesintu ngo-2014.
ZIMKHALELE obengumsakazi woKhozi FM, ongumethuli wohlelo lomculo wesintu kuSABC1, iRoots. UNgizwe Mchunu usolwa ngokushaya unkosikazi wakhe wesibili.

UNgizwe kuvela ukuthi ulale ebaliwe ngoLwesihlanu ngemuva kokuvulela isibhaxu kuLindi Khuzwayo ashada naye ngokwesintu ngo-2014.

UNgizwe kuthiwa udedelwe ngebheyili kaR1 000 ngoMgqibelo wase evela enkantolo izolo.

Umthombo weSolezwe ongashayi eceleni uveze ukuthi unkosikazi kaNgizwe udinwe uyaveva ngemuva kwalesi sigameko.

“Noma kungacaci kahle ukuthi yini esuse ingxabano kodwa umsindo usuke kukhona wonke amakhosikazi akhe, nokungazeki ukuthi kahle kahle yini ebibangwa. Konke lokhu kwenzeke emzini kaMaKhuzwayo ahlala kuwona ePhoenix,” kuchaza umthombo.

Uthe uNgizwe ushaye uMaKhuzwayo wamlimaza kanzima nokuyiyona into eyenze wavula icala.

“Unkosikazi wokuqala, uMaNxumalo, ngesikhathi kufika amaphoyisa uyena oze wathi uzoba ufakazi njengoba ebone konke obekwenzeka njengoba bebebonke kodwa manje usekujike konke lokho usethi akukho azokufakaza,” kuchaza umthombo.

UNgizwe usolwa ngokuvulela isibhaxu kuLindi Khuzwayo ashada naye ngokwesintu ngo-2014.

Omunye umthombo uveze ukuthi uMaKhuzwayo uze wafuna usizo lokuthi uNgizwe angadedelwa ejele ngemuva kwalesi sigameko.

“Yize ephumile kodwa kube ukuya ngaye ngabe uvalelwe njengoba enxuse abaholi abahlukene ukuthi bangenelele kulolu daba,” kuchaza umthombo. Omunye umthombo uthe, uNgizwe kuthiwa wafika kwaba nengxabano namakhosikazi akhe nokwagcina ngokuthi abulale ezinye izimpahla endlini.

“Ingxabano akwaziwa ukuthi yasuswa yini kahle kahle kodwa wabulala kwasani endlini wase eshaya uMaKhuzwayo,” kuchaza umthombo.

Ethintwa unkosikazi kaNgizwe, uMaKhuzwayo, uthe angeke aphawule ngalolu daba.

FUNDA: Alusalingani ucu kuNgizwe nomkakhe

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Colonel Thulani Zwane, uthe umsolwa oneminyaka engu-38, uvelile eNkantolo yaseVerulam izolo, icala lakhe lahlehlela uJuni 6. UNgizwe kwenzeka lokhu nje, unkosikazi wakhe wesithathu uFloda enkundleni yokuxhumana * -Istagram, waveza ukuthi uNgizwe uyamshaya.

UFloda wathi lo msakazi wayemshaya aze acishe aphelelwe umoya. Ethintwa abezindaba uFloda wathi akathandi ukukhuluma ngalolu daba. UNgizwe uthintiwe ngocingo, wathi umatasa, ube esebuzwa ngalolu daba wavele wavala ucingo.