UMLINGISI uZinhle Mabena uthi ukubeletha ngaphandle kwezinkinga, uyohlale ekubonga kuNkulunkulu
IGAMA lakhe nguZinhle Mabena, usezakhele igama endimeni yezokulingisa. Useke wabonakala emidlalweni emikhulu okubalwa Isibaya, House of Zwide, nosanda kuphela Isifiso. Ngokuzalwa ungowase-East Rand, eGauteng. UNKOSIKHONA CELE uxoxisane naye kabanzi ngezindaba zenkolo.
NC: Ngabe likhona ibandla okhonza kulona?
ZM: Ngiyilungu lokuqina lebandla, iChange Bible Church. Sengibe kuleli bandla iminyaka eyisishiyagalolunye egcwele.
NC: Ngabe sikhona isimo esinzima osuke wabhekana naso empilweni yakho kodwa obonga uNkulunkulu ngokukulonda ngesikhathi ubhekene naso? Uma sikhona yisiphi futhi kwakwenze njani?
ZM: Yebo, mina ngiyambonga uNkulunkulu ngokuthi sekuze kwaba yikabili ngiteta ngempumelelo. Phela ukuteta akusiwona umdlalo. UNkulunkulu emuhle ngiyambonga kakhulu ngoba namanje ngisadla anhlamvana.
NC: Ngabe yiziphi izinto ezimbili onazo ezidala ukuthi umbonge njalo uNkulunkulu?
ZM: Okukuqala, ngithanda ukumbonga kakhulu uNkulunkulu ngesipho sempilo angibusise ngaso. Okwesibili, ngithanda ukumbonga uNkulunkulu ngamathuba okulingisa angibusisa ngawo.
NC: Eminyakeni emihlanu ezayo kumbe eyishumi yini eyodwa okhulekela ukuthi uNkulunkulu akubusise ngayo? Leyonto isho ukuthini empilweni yakho?
ZM: Ngikhulekela ukuthi uNkulunkulu angibusise ngidlondlobale kakhulu kwezokulingisa. Ngikhulekela nokuthi ngibe namandla okusungula inkampani yami yezokukhangisa.
NC: Ngabe likhona ivesi okholelwa kakhulu kulona uma likhona yiliphi futhi lisho ukuthini?
ZM: Ngithanda kakhulu incwadi esebhayibhelini etholakala kumaHubo ethi “Ungesabi ngoba mina nginguNkulunkulu”. Leli vesi linginikeza amandla nokuqonda ukuthi uNkulunkulu uzonginikeza konke engikucelayo kodwa lokho uzokwenza ngesikhathi esifanele.
NC: Ngabe ungumuntu okholelwa kangakanani emandleni omkhuleko futhi usho ukuthini kuwena?
ZM: Umkhuleko kimina uyikho konke, akukho nokukodwa engiye ngiqale ukukwenza ngingazange ngiqale ngomthandazo.
Related Topics: