Izindaba

Ubonga uNkulunkulu ngokudlondlobala emculweni

Intatheli YeSolezwe|Published

USENZO Khumalo

NC : NGABE likhona ibandla okhonza kulona uma likhona yini ekuchazayo ngalo?

SK : Ngikhule ngikhonza ebandleni laseZayoni kodwa manje njengoba sengiseGoli sengiyilungu lebandla labasindisiwe iChrist Embasy.

NC : Ngabe likhona ivesi elilotshwe embhalweni oNgcwele elikugqugquzelayo futhi lisho ukuthini empilweni yakho?

SK : Litholakala kwabaseKorinte likhuluma ngokuthi ngingenza konke ngamandla uNkulunkulu angiphe wona. Liyangigqugquzela ngaso sonke isikhathi uma kukhona izimo ezinzima engibhekene nazo.

NC : UMA ubheka impilo yakho ngeso elijulile ngabe yiziphi izinto ezimbili ongathi zidala ukuthi umbonge kakhulu uNkulunkulu?

SK : Okokuqala ngithanda ukumbonga kakhulu uNkulunkulu ngesipho sokucula angiphe sona esenza ukuthi ngikwazi ukuziphilisa. Okwesibili ngiyambonga ngesipho nje sempilo ngikholwa ukuthi sinamandla kakhulu.

NC : NGABE ungumuntu okholelwa kangakanani emandleni omkhuleko futhi kuwena usho ukuthini?

SK : Kimina umkhuleko uyisikhali esimqoka kunazo zonke, yinto engiyazisayo ngoba ngikholwa ukuthi iyangisebenzela. Ngiwubonile ungenzela izinto ezinkulu empilweni yami.

NC : EMINYAKENI emihlanu kumbe ke eyishumi ezayo ngabe yini okhulekela ukuthi uNkulunkulu akubusise ngayo empilweni yakho futhi leyonto isho ukuthi kuwena?

SK : Ngikhulekela ukuthi uNkulunkulu abe nami umculo wami udlondlobale ngize ngigcine sengaziwa nakwamanye amazwe. Emuhle uNkulunkulu ngiyazi ukuthi lokho kuzokwenzeka.

NC : NGABE sikhona isimo esinzima kakhulu osuke wabhekana naso empilweni yakho? Uma sikhona kwakwenze njani futhi umbonga kangakanani uNkulunkulu ngokukuhlenga ngesikhathi usabhekene naso?

SK : Ngiyohlale ngimdumisa futhi ngimbonga uNkulunkulu ngokuba nami ngesikhathi iCovid 19 idla lubi. Ngibonga ukuthi wangigcina ngaphila yize yayingekho imali engenayo ngenxa yokuthi yayingekho imicimbi esasiyihambela.

NC : Ngabe yini into ewumusa ongathi uNkulunkulu ukwenzele yona?

SK : Kuwumusa omkhulu ukuthi ngiyakwazi ukubhalela nabanye abaculi izingoma. Lokho angikuthathi kancane.