USIYASANGA Papu
NC: Uma ubheka impilo yakho ngeso elibanzi, ngabe yiziphi izinto ezimbili obonga kakhulu uNkulunkulu ngokukubusisa ngazo?
SP: UNkulunkulu ngithanda ukumbonga kakhulu ngabantwana bami angibusise ngabo, ngiyabathanda kakhulu nomndeni wami, ikakhulukazi umama ongizalayo. Okunye uNkulunkulu engithanda ukumbonga kakhulu ngakho, yithalente lokulingisa angibusise ngalo.
NC: Ngabe ungumuntu okholelwa kangakanani emandleni omkhuleko futhi kuwena usho ukuthini?
SP: Umama ongizalayo wangitshela ukuthi konke kutholakala ngokuguqa ngamadolo. Ngakho ke umkhuleko uyisikhali sami esinamandla.
NC: Ngabe likhona ibandla okhonza kulona futhi uma likhona, yini oyithandayo ngalo?
SP: Mina ngiyilunga lokuqina lebandla, iFaith and Glory Terbanacles, engilithanda kakhulu. Kuningi futhi engikuthandayo ngalo.
NC: Ngabe yiliphi ivesi elilotshiwe embhalweni oNgcwele olithandayo nelikunikeza amandla ngaso sonke isikhathi uma ubhekene nobunzima, lisho ukuthini empilweni yakho?
SP: Alikho ivesi elingibusisayo elidlula elikhuluma ngokubaluleka kokuhlonipha abazali ukuze izinsuku zakho zande ezweni. Kimina lisho lukhulu ngoba nami ngimhloniphile, umama uNkulunkulu wangibusisa.
NC: Ngabe sikhona isimo esinzima kakhulu oke wabhekana naso empilweni yakho?
SP: Mina ngikhuliswe umama engikhulisa kanzima. Kodwa ngiyambonga uNkulunkulu ngokumnikeza amandla okunginakekela. Ubaba ubekhona emhlabeni engashonile kodwa singamazi ukuthi ukuziphi izinkalo.
NC: Eminyakeni eyisihlanu kumbe ke eyishumi ezayo, ngabe yini le eyodwa okhulekela ukuthi uNkulunkulu akubusise ngayo?
SP: Mina ngikhulekela ukuthi uNkulunkulu engimkhonzayo angisize ngibonakale ngidlondlobala kakhulu emkhakheni wezokulingisa engikuwona. Okwesibili; ngikhulekela ukuthi ngikhule emculweni ngoba nawo ngiyawuthanda kakhulu.
NC: Uma ubheka impilo yakho, yini edala ukuthi ubone umusa ongathi uNkukunkulu ukwenzele wona?
SP: Impela ungenzelile umusa uNkulunkulu ngoba sengikwazile ukuthi ngilingise emidlalweni eminingi. Phakathi kwayo ngibala iRhythm City, iThe Herd neminye eminingi. KwiMnzansi Magic ngibe khona emdlalweni, Izintombi Zodwa. Lokhu kimi kusho lukhulu.