Kuthiwa owesifazane obeyithathile ingane, ubeqambe amanga kumyeni wakhe wathi uyobeletha, waduka izinsuku ezimbalwa wabuya esephethe le ngane ebidukile.
Kuthiwa amaphoyisa agasele kulo muzi afica umsolwa ezihlalele nomndeni wakhe nengane encane.
Izolo Isolezwe likhulume nonina wengane, uNksz Sbongile Nxele (18), esephethe usana lwakhe.
“Itholakele khona eMgungundlovu ingane yami. Amaphoyisa awazange angichazele izinto eziningi ngaphandle kokuthi itholwe komunye umndeni.
“Owesifazane oyithathile kuthiwa watshela umyeni wakhe ukuthi ukhulelwe, wabe esenyamalala ethi uyobeletha. Ngijabule nje ukuthola ingane yami. Ngizoke ngilale ubuthongo,” kusho uNksz Nxele.
Uthe ubonga kakhulu Isolezwe namaphoyisa ngokusebenza ngokushesha ekuqinisekiseni ukuthi ingane itholakala ngokushesha.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uCaptain Nqobile Gwala ukuqinisekisile ukuthi itholakele ingane, wathi kukhona owesifazane oneminyaka yobudala engu-47 oseboshiwe.
Uzovela enkantolo yaseHowick maduzane.
Lolu sana lwathathwa kunina kade ephuma esibhedlela ngoLwesibili.