ABAMANGALELWA ecaleni lokufa kukanozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana, uSenzo Meyiwa Isithombe: JACQUES NAUDE Jacques Naude/AFRICAN NEWS AGENCY (ANA)
KHETHA SANGWENI
UKHALA ngokunabiswa ngesibhaxu uMnuz Carlos Mncube, ongomunye wabamangalelwa ecaleni lokufa kowayengunozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana, uSenzo Meyiwa.
Isolezwe ngeSonto lithole ngomthombo walo osondelene nodaba ukuthi uMncube usola umqaphi wasejele ngokumshaya kanzima ezitokisini zasenkantolo abebevele kuyona ngasekuqaleni kwesonto. UMeyiwa wabulawa ngokudutshulwa ekubo kwentombi yakhe uKelly Khumalo eVosloorus, ekuRhuleni ngo-2014.
Umthombo uthi indaba iqale ngesikhathi uMncube efuna ukuxoxa nommeli wakhe enkantolo, ecela ukuthi umqaphi aqhele kodwa wanqaba ethi mabaxoxe ekhona.
“Uma ummangalelwa esenkantolo unelungelo lokuxoxa nommeli wakhe ngasese kodwa lo mqaphi ubengafuni enolaka. Bagcine bexoxa phambi kwakhe. Kuthe uma sebehliswa beya ezitokisini, wafika wamshaya phambi kwabanye abamangalelwa. Ulimele kanzima uMncube,’’ kusho uMthombo. UMncube uboshwe noMnuz Sfisokuhle Ntuli, uMnuz Mzukawukhulelwa Sibiya, uMnuz Bongani Sandiso Ntanzi noMnuz Mthokoziseni Ziphozonke Maphisa.
Okhulumela amaphoyisa eGauteng, uColonel Mavela Masondo uthe livuliwe icala.
“Singaqinisekisa ukuthi likhona icala lokushaya elivuliwe futhi uphenyo luyaqhubeka. Bekungakaboshwa muntu,’’ kusho uColonel Masondo. Ummeli kaMncube u-Advocate Teffo Malesela uthe ikhasimende lakhe lishayiwe futhi akufanele kufihlwe lokho kodwa kufanele kube nobulungiswa. Icala lihlehlele u-Ephreli 22 lapho okulindelwe ukuthi liqale ukuqulwa. Baningi abalinde ukuzwa ukuthi kwenzekani ngosuku lwesehlo.
Okunye okuvelile enkantolo wukuthi uKelly uqashe ummeli, u-Adv Magdalene Moonsamy ukuba abe yiso lakhe kukho konke okwenzekayo. U-Adv Moonsamy usukume wazethula ejajini, walichazela ukuthi uze ngani.