UYISUTHILE induku oyilungu lesigungu esiphezulu kwi-ANCYL, uNksz Sizophila Mkhize, obehambele umcimbi thizeni wesintu, Olundi, ngoMgqibelo odlul UYISUTHILE induku oyilungu lesigungu esiphezulu kwi-ANCYL, uNksz Sizophila Mkhize, obehambele umcimbi thizeni wesintu, Olundi, ngoMgqibelo odlul
UYISUTHILE induku oyilungu lesigungu esiphezulu kwi-ANCYL, uNksz Sizophila Mkhize, obehambele umcimbi thizeni wesintu, Olundi, ngoMgqibelo odlule.
Kuthiwa usukelwe owesifazane thizeni wamnenebula waze wamhlwitha iwigi ekhanda, wamjikijela ngayo phambi kwezethameli zomcimbi.
Umthombo othembekile olwazi kahle lolu daba uthi, akuqondakali kahle ukuthi lo mholi ubebangani nalo wesifazane okhulile kunaye ovele wahlala izithonto kuyena.
Uthe lo mholi ubemagange eya kulo mcimbi ebhala nakuFacebook ukuthi uyajabula ukuya khona kanti akabuzanga elangeni uzohlangabezana nezimbila zithutha, ziholwa emhlophe phambili.
Kuthiwa lo wesifazane uvele waqonda kulo mholi wambuza imibuzwana okungezwakalanga ukuthi ithini, wamyabula waqala washaya emdonsa kanzima ngesihluku.
Kuthiwa uNksz Mkhize unxuse omunye abanaye embuthweni abehamba naye ukuba amphelezele ayovula icala emaphoyiseni.
UNksz Mkhize uvumile ukuthi wehlelwe yisigameko esimethusile nabengasilindele kodwa wathi akafuni ukwanda kakhulu ngoba udaba lusezandleni zamaphoyisa.
“Kunezimpahla zami ezilimalile kulesi sigameko njengefoni yami efile nemoto yami iklwebhekile idinga ukulungiswa.
“Ngifuna ubulungiswa ngoba lo muntu angimazi, ubengisuka ngaphi, bengiqala nokumbona nje.
“Bengiziyele emcimbini ngingalindele lutho njengoba evele wangihlasela,’’ kuchaza uNksz Mkhize.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant Colonel Thulani Zwane, ukuqinisekisile ukuthi kunecala eliphenywayo elivulwe uNksz Mkhize.
“Icala lokucekelwa phansi kwempahla nelokushaya avulwe esiteshini saseMahlabathini emuva kokuba ummangali ehlaselwe umuntu ngesikhathi esemcimbini endaweni.
“Akukaboshwa muntu kodwa udaba luyaphenywa amaphoyisa,’’ kusho uZwane.
Le ntokazi yehlelwa yilesi sigameko nje kusabalele izindaba zokuthi igaqele isikhundla sokuba yiphini likamengameli walolu phiko kuzwelonke.
Umbango usuqalile ukushisa phansi njengoba kuzoba nengqungquthela yokukhetha ubuholi bukazwelonke ngoSepthemba eGoli.