Izindaba

Ubolelwa yisandla owashawa nguthisha

Khulekani Maseko|Published

SIBUKEKA kanje isandla sikaMhlengi Dlamini, okuthiwa saqala ukuvuvukala ngemva kokuba eshaywe nguthisha ngo-2019 Isithombe: BONGANI MBATHA/ANA

KUGELEZA izinyembezi uma elandisa ngodaba lwakhe uMnuz Mhlengi Dlamini obefunda esikoleni samabanga aphakeme iSibongindlela esiseFolweni. Lo mfundi ubolelwa yisandla futhi uthi lokhu kwaqala ukwenzeka ngemuva kokushaywa nguthisha nge-duster emaqupheni.

UDlamini oneminyaka ewu-20 waseFolweni, kuthiwa ubefunda u-grade 10 ngo-2019 ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko. Kusuka lapho ubengena ephuma esibhedlela kuze kube yimanje, abukho ubungcono kunalokho isandla sesiqala ukonakala.

Unina kaDlamini, uNksz Babhekile Mchunu, ekhuluma nabezindaba ngoLwesibili, uthe inhliziyo yakhe iyaqaqamba uma ebona ingane yakhe isingakwazi nokuzigeza ngenxa yalesi simo.

“Akakwazi ngisho ukuwasha izimpahla zangaphansi, kumele ngimwashele ngiqinisekise ukuthi ngiyamgeza. Ngangizitshela ukuthi sengikhulisile nami sengizoke ngizwe ukunakekelwa, ngingazi ukuthi ingane yami isazobuyela ebunganeni ngenxa yobudedengu bukathisha,” kubalisa uNksz Mchunu.

UDlamini uthe isizathu sokushawa kwakhe nguthisha wesifazane ngoJanuwari 2019, wukuthi lo thisha wangena ekilasini wafica abafundi bebanga umsindo, wayesethi uzokwenza isibonelo ngaye, wathi akafingqe amaqupha emva kwalokho wamvuthela nge-duster.

“Ngaqaphele ukuthi isandla sami siyavuvukala ngendlela engajwayelekile. Ngabuyele kuthisha ngayomtshela, esibona wangicela ukuthi ngingamcebi ekhaya. Ngizamile ukufihla kodwa ubaba wangicela ukuthi ngimbhushele utshani egceni, okuthe uma ebuya bungabhushiwe ngendlela kwaphoqa ukuthi atshelwe iqiniso. Kusuka lapho bengingena ngiphuma esibhedlela, kunalokho isimo siya ngokuba sibi kakhulu” kuchaza uDlamini.

Uqhube wathi ngesikhathi isikole simhambisa esibhedlela bafihla, bathi ulimale ebholeni. Sekuvele ukuthi uthishomkhulu akazange amathathele izinyathelo uthisha ngoba namanje usasebenza.

Umfundi uthi usephila ngamaphilisi ezinhlungu uma engekho akalali ebusuku. Uveze nokuthi useke wadluliselwa nasesibhedlela iChief Albert Luthuli, nokuyilapho efakwe khona okumsize ukuthi sivuleke kancane, akwazi nokuthi anqume izinzipho njengoba sihlala sifingqekile singavumi ukuvuleka.

UNksz Mchunu uthe ikusasa lendodana yakhe liyashabalala ekubeni beyinekhono lokwenza umsebenzi wezandla, iwudayise bakwazi ukulala bedlile ngoba akekho osebenzayo ekhaya.

Uthe sebezame kaningi ukuxhumana noMnyango wezeMfundo ezingeni lesiFunda kodwa akekho olusukumelayo udaba. Wathi bagcine bethathe isinqumo sokuthi bafonele ngqo ungqongqoshe wezeMfundo esifundazweni uMnuz Kwazi Mshengu kodwa wathi abalandele imigudu, udaba balubike emahhovisi esifunda nakhona abasizakali.

Iqembu le-IFP lisonge ngokuthathela umnyango izinyathelo zomthetho ngodaba. Selithumele ummeli uMnuz Lourens de Klerk, nelungu lalo esiShayamthetho KwaZulu-Natal elibhekelele ezemfundo uMnuz Mntomuhle Khawula, abebevakashele lo mndeni ekutheni baqoqe ubufakazi ukuze kwenziwe ubulungiswa.

UKhawula uthe bonke ababandakanyekayo ekunyatheleni lolu daba, bazothathelwa izinyathelo zomthetho.

Imizamo yokuthola umnyango wezemfundo ukuba uphawule ayiphumelelanga. Kuthunyelwe imibuzo kuMnuz Muzi Mahlambi okhulumela umnyango, wathembisa ukuthi uzobuyela entathelini kepha kuze kwashaya isikhathi sokushicilela, engakayithinti.