USOLE amaphoyisa ngokungabikeli umndeni wakhe ukuthi uyavela enkantolo, ummangalelwa ecaleni lokubulawa kwesitshudeni sasenyuvesi yaKwaZulu-Natal ophikweni oluseWestville, obevele eNkantolo yeMantshi ePinetown izolo.
UKhayelihle Nzimande (25) waseNtuzuma obhekene necala lokubulala uSimukelo Zondi (24) wakwaSwayimane abebefunda naye enyuvesi okuthiwa ubengumngani wakhe, ubhoke ngolaka phakathi enkantolo ebiza amaphoyisa ngezilima ngokungawazisi umndeni wakhe ukuthi uyavela namuhla.
Zisuka nje, imantshi ephethe icala uNkk Gwendolyn Robinson ithwale kanzima ngesikhathi ibuza ummangalelwa ngolimi azolukhuluma ngesikhathi kuqulwa icala.
“Ngizokhuluma ngesiZulu nangesiNgisi,” kusho uNzimande obebukeka egcwele ukuzethemba engazi nokuthi lidumephi.
Ugcine enqume ukukhuluma ngesiNgisi.
Kuvele kwasuka esinamathambo ngesikhathi ebuzwa ngokuthi ufuna ukumelwa ummeli wombuso noma azomkhokhela.
“Ngizosithatha kanjani leso sinqumo kungekho ngisho elilodwa ilungu lomndeni wami lapha enkantolo? Esiteshini samaphoyisa kungumsebenzi wabo ukutshela umndeni wami ukuthi ngiyavela namuhla enkantolo. Nginqatshelwe amaphoyisa ukuthi ngixhumane nomndeni wami. Kungabe lokho kuhle? Akusiwo umdlalo omuhle, akusiwona umdlalo omuhle neze. Lezi zilima,” kubhoka uNzimande ngesilungu.
Kuhlule ngisho iphoyisa lasenkantolo limhebeza lizama ukumtshela ukuthi adedele imantshi ikhulume anganqakisani nayo ngamazwi kodwa wabe eqhubeka nokukhuluma.
Imantshi iphoqelekile ukuthi ikumise ukuqhubeka kwecala isikhathi esiyimizuzu emihlanu ngenhloso yokuthi ummangalelwa enze imizamo yokuxhumana nomndeni wakhe.
Emuva kwalelo khefana ummangalelwa ukugcizelele ukuthi uzothatha ummeli wombuso okwesikhashana.
UNzimande akabuzwanga ukuthi uyalivuma noma uyaphika icala, inkantolo inqume ukulihlehlisela * -Okthoba 21 ukuze ahlolwe isimo sempilo okuyilapho kulindeleke afake isicelo sebheyili.
Ngesikhathi ummangalelwa exebula isiNgisi enkantolo, amalungu omndeni kamufi abonakale egobise amakhanda.
Awafunanga nokukhuluma nabezindaba emuva kwecala ekhala ngokuthi awakakwazi ukukhuluma ngale nto ngendlela asezinhlungwini ngayo.
Umufi kuqale kwabikwa ukuthi ulahlekile.
Kuthiwa onogada babone umlilo ehlathini eliseduze nenyuvesi okuthe uma besondela kwatholakala ukuthi yisidumbu sikamufi esishayo.
Kwi-video esabalele ezinkundleni zokuxhumana okusolakala ukuthi ithathwe esiteshini samaphoyisa, ummangalelwa wayezishaya isifuba echaza indlela ambulale ngayo umufi okuvele ukuthi ubemsola ngokumthakatha.