AMAPHOYISA athungatha owesifazane waseMlaza eThekwini, osolwa ngokubhunyela isoka ngamanzi abilayo kulandela ingxabano ethinta uR4000 wezimpahla zokugqoka.
Owesifazane elingeke lidalulwe igama lakhe kuze kube uyaboshwa kusolwa ukuthi ushise isoka lakhe ngamanzi ngempelasonto kulandela ingxabano.
Ngokuthola kweSolezwe owesilisa oneminyaka engu-24 ulaliswe egumbini labagula kakhulu esibhedlela.
Ngokusho komthombo osondelene nalolu daba lona wesilisa ulahlekelwe yizimpahla zakhe zokugqoka abezithenge ngemali elinganiswa kuR4000, kuthiwa ubuze intombi yakhe ngazo, esola ukuthi inolwazi ngokuduka kwazo.
Kuthiwa intombi ivele yalwa nesoka maqede yabilisa amanzi yalibhunyela ngawo yase idla phansi.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Thembeka Mbele uthe: “Amaphoyisa aseMlaza aphenya icala elihlobene nodlame lomndeni kulandela ukushiswa ngamanzi kowesilisa oneminya engu-24 ngoyintombi yakhe. Ushise isoka maqede wabaleka. Amaphoyisa asalandela umkhondo,” kusho uCol. Mbele.
Amaphoyisa acele ongasiza kutholakale intombi ukuba awathinte ngokushesha.