Izindaba

Ubhokode unina wengane ka-12 obaliwa

LUNGI LANGA|Published

AMALUNGU omndeni kaNksz Philile Mbongo esakhungathekile emuva kokuthi egwazwe amanxeba angu-12, okusolwa uyise wengane yakhe AMALUNGU omndeni kaNksz Philile Mbongo esakhungathekile emuva kokuthi egwazwe amanxeba angu-12, okusolwa uyise wengane yakhe

UBESABISE ngokubulala unina wengane (3) yakhe bese ezibulala naye owesilisa waseMlaza osolwa ngokubhokoda unina wengane yakhe amanxeba angu-12 washona.

Kuthiwa uNksz Philile Mbongo (26) ubekubo endlini eMlaza kwa-L ngesikhathi kufika uyise wengane yakhe emshaya emuva kokuthi bebe nokuhilizisana ngamazwi.

Umalumekazi wakhe, uNkk Nompumelelo Mbele (38), uthe ubegeza ngesikhathi ezwa uNksz Mbongo ekhala.

“Ngiphume ngokushesha ngithi ngiyobheka ukuthi kwenzekani ngamfica emshaya. Ngithe uma ngibuza ukuthi umshayelani wavele wakhipha ummese wamgwaza kathathu engalweni. Ngiphume ngabaleka ngiyomemeza abanye kodwa safica umsolwa engasekho esebalekile. UPhilile ubelele phansi engasakwazi ukunyakaza enamanxeba engalweni namanye ngasenhliziyweni,” kuchaza uNksz Mbele.

Uthe ngaphambi kokuthi umsolwa afike, ubeke wakhuluma noNksz Mbongo ocingweni - bexabana.

Uthe uNksz Mbongo umtshele ukuthi ubezwa sengathi uyahamba ngesikhathi bekhuluma naye ocingweni okungangokuthi umbuzile ukuthi akasoli yini ukuthi uza kuyena.

“Le nto yenzeka nje uPhilile ubevakashele yena umsolwa esuka eMzinto kodwa umsolwa wamshaya waze wamklinya wase ebaleka eza la ekhaya. Uye nasemaphoyiseni wayothola i-protection order emvimbela ukuthi asondele kuyena, esho nokuthi akasamdingi empilweni yakhe. Umsolwa ube esemsongela wathi uzombulala bese ezibulala naye. Ubevele evamile ukuthi amshaye kodwa uPhilile amxolele,” kusho uNkk Mbele.

Uthe naye uhlalele ovalweni njengoba umsolwa esagcwele amathafa ngoba lesi sigameko senzeke phambi kwakhe nezingane ezincane okukhona kuzo nengane kaNksz Mbongo nomsolwa.

UNksz Philile Mbongo ‘obhokodwe’ nguyise wengane yakhe ngommese washona

Umzala kaNksz Mbongo, uMnuz Khulekani Mzobe, uthe babuhlungu ngokubulawa kwakhe ngesihluku esingaka. Uthe umsolwa njengoba egcwele amathafa nje ubeke washaya ucingo emuva kwalesi sigameko wathi ufuna ukukhulunyiswa nengane yakhe ukuze asho amagama akhe okugcina kuyona kodwa wan

gakhulunyiswa nayo. UMzobe uthe sebebeke amathemba abo emaphoyiseni kodwa abafisi ukubona umsolwa ezulazula phambi kwabo.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala, ukuqinisekisile ukuthi amaphoyisa aphenya icala lokubulala emuva kokushona kowesifazane okusolakala ukuthi ugwazwe umsolwa owaziwayo. Uthe lona wesifazane ugwazwe amanxeba amaningi kwesingenhla washonela khona endaweni yesigameko.