UBHODLA umlilo owayengumsakazi weGagasi FM neRadio Maritzburg, uPrince Sbonelo Shabalala. Lokhu kungemuva kokuthola ukuthi ingoduso yakhe “beyizitika ngotshwala nocansi” nomfundisi wakwaMpande, eMgungundlovu, uPastor Malusi Nene ngoLwesihlanu.
UPrince obuye asakaze kuMgungundlovu FM aphinde asebenzisane neMaritzburg United, ubhale nasekhasini lakhe leFacebook ebalisa ngomjolo wengoduso yakhe, uXolisile Teddys Dlamini noNene. UNene uzakhele udumo ngezinkulumo ezakhayo kuMgungundlovu FM.
UPrince uthe okubuhlungu ubesehlele ukuyozishaya zonke ekhweni lakhe bese ziwushaya ngonyaka ozayo.
Uthe okumenze wasola ukuthi ingoduso yakhe imbhangqe noNene, ukubona kwi-status sayo sikaWhatsApp izitika ngeziphuzo noNene emcimbini obusemzini womunye umfundisi ose-18, eMbali.
“Wayesuka kumina ngoLwesine, ezobuya ngoMgqibelo ekuseni. Ngathi sengimfonela ngoMgqibelo wathi usezobuya ngeSonto ngenxa yokuthi ukhathele. Kuyacaca ukuthi wayenqena ukulala nami kade elele nenye indoda,” kusho uPrince.Uthe uXolisile ufake isithombe somfundisi sihlanganiswe nezakhe ezintathu (picmix) kwi-status sakhe maqede wabhala ukuthi “Uthando Luphila Lapha.”
Eqhuba uPrince uthe okumenze wageza izandla ukuthi uXolisile uphinde wavakashela uNene ngoLwesibili lapho eqashe khona ngenxa yomsebenzi eManzimtoti, eThekwini.
“Ngithole ukuthi ubevakashele umfundisi ngesikhathi ngimbuza ukuthi ukuphi. Ungitshele ukuthi uphuma kovakashela umngani wakhe oseThekwini. Ngibe sengifonela unkosikazi womfundisi okunguye ongitshele ukuthi umfundisi uqashe eThekwini njengoba esebenzela eManzimtoti,” kusho uPrince.
Uthe uXolisile uphinde wafaka kwi-status seWhatsApp izithombe zamateku amasha awathengelwe wumfundisi.
“Ngithe uma ngimbuza ngalobu budlelwano bakhe nomfundisi, wavuma ukuthi bayathandana futhi banesikhashana. Ngicabanga ukuthi baqale ukujola emuva komngcwabo kaMfu Trevor Phoswa, ngesikhathi mina ngisevalelwe esibhedlela nonkosikazi kamfundisi usesibhedlela lapho elashwa khona. Yingakho umfundisi ematasatasa nabafazi babantu,” kubhoka uPrince.
Ebuzwa uXolisile ngalezi zinsolo uthe zingamampunge. Exinwa ngemibuzo uthe ngeke aphawule.
“Ngicabanga ukuthi izindaba zabantu ababili azimdingi owesithathu,” kuphetha uXolisile.
Eziphendulela uNene weLife and Ressurection Ministries, ushaye ngezinqamulelayo, wathi akazi lutho ngezinsolo zokuthandana nengoduso kaPrince.
UPrince uthe beyazana noNene futhi wayethula izinkulumo ezakhayo ohlelweni lwakhe kuMgungundlovu FM kanti nomkakhe ubefunda izindaba kulo msakazo eminyakeni edlule.