MBALI KHANYILE noNOKUBONGWA PHENYANE
OWAYENGUMSAKAZI woKhozi FM, usephumele obala ngokudlwengulwa kwendodakazi yakhe imininingwane yayo esiyigodlile, athe yanukubezwa yilungu lomndeni elineminyaka yobudala engu-56.
Lo msakazi ophinde abe ngumethuli wohlelo lomculo lwethelevishini, uthi lesi sigameko senzeke kuqala umvalelandlini.
Uthe isihlobo sakhe esihlala nendodakazi yakhe, sayidlwengula siphindelela.
Lo methuli uqophe i-video kuYouTube ezwakalisa ukungagculiseki ngengalo yomthetho yakuleli nezinkantolo kepha ngenxa yomthetho wokuvikela izingane ngeke size simdalule.
“Mengameli lungisa eyengalo yomthetho njengoba kungalungile lapha, abukho ubulungiswa kuleli. Okungenza ngiphumele obala ngalesi sigameko, wukuthi kusanda kufika amaphoyisa kwami ezongazisa ukuthi icala liphelile. Umsolwa kuthiwa abukho ubufakazi obumhlanganisa nalesi sigameko. Nginobuhlungu emoyeni, lolu daba bengithi ngizolulungisa esithe kodwa ngiphumela obala ngoba umthetho awubukhombisanga ubulungiswa. Uma sekwenzeka sizithathela umthetho ngezandla siyagxekwa nalapho,” usho kanje ehlengezela izinyembezi.
Uthe udumele kakhulu ngokwenzekile kodwa ubonga uNgqongqoshe wezokuThutha KwaZulu-Natal, uMnuz Bheki Ntuli nomphathi wamaphoyisa okuyibona abasukumela lolu daba eMpangeni.
“Akuyona into emnandi ukuzwa ukuthi indodakazi yakho yahlukunyezwa kanjani, yangitshela yona siqu okwenzeka kuyona. Icala lavulwa ngoMeyi futhi salinda ukuthi konke kulandelwe ngendlela, engikubonayo manje wukuthi izigebengu ziyavikelwa. Indodakazi yami ngayifunela usizo lokweluleka ingqondo, okungiphatha kabi kakhulu wukuthi leli cala alikaze lifike ngisho enkantolo bezwe okushiwo yindodakazi yami kodwa sesizotshelwa ukuthi icala alisekho, ngiyanxusa mengameli noNgqongqoshe wezoBulungiswa, Mnuz Ronald Lamola ukuthi nikuzwe ukukhala kwami njengoba abasolwa abafana nalona oyisihlobo sami, badinga ukuboshwa bajeze ngokwenzekile,” kuchaza lo methuli wezinhlelo.
Uthe umsolwa kumanje uyajabula ngaphandle njengoba icala sekuvele ukuthi liphelile.
“Umnyango wezobulungiswa manje usuphatha ngathi umdlalo. Ngenza le video ngoba ngilwela noma ngubani umuntu wesifazane owake wabhekana nesimo esifana nalesi.
"Ngiyacela ningenelele Mengameli ninoLamola. Umsolwa weza kimi wangicela ukuthi angakhokha imali engangoR100 000 anginike nezinkomo, uma nje ngingacisha icala. Ngawatshela amaphoyisa kodwa konke lokho kushaywe indiva,” uchaze kanje.
Uphinde waveza ukuthi indodakazi yakhe ayisahlali la yanukubezwa khona, wayithatha.
UCap Nqobile Gwala okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, ukuqinisekisile ukuvulwa kwecala esiteshini samaphoyisa aseSikhaleni.
“Umsolwa oneminyaka engu-51 othinteka ecaleni lokudlwengula kwentombazane eneminyaka eyisithupha, watoka wabe esededelwa. Amaphoyisa asaphenya,” kusho uCaptain Gwala.