Izindaba

Ubhekene nelokuzama ukubulala usaziwayo osolwa ngokuba wumbimbi noMchunu enkohlakalweni

Nonkululeko Nhlapo|Published

UVusimuzi Cat Matlala

Image: Sigciniwe

UVusimuzi Matlala ohamba phambili embikweni kaLiutenent General Nhlanhla Mkhwanazi njengosomabhizinisi oxhasa uSenzo Mchunu nomngani wakhe uBrown Mogotsi ngezimali ezishisiwe ugqunywe esitokisini ngecala lokuzama ukubulala umakhwapheni wakhe ongumlingisi uTebogo Thobejane.

UTebogo (37), owayenguBelinda kwiMuvhango, waphumela obala ezinkundleni zokuxhumana ngokuhlukumezeka nobunzima asabhekene nabo  yize owayeyisoka lakhe uVusumuzi "Cat" Matlala egqigqa enkantolo ngecala lokuzama ukumbulala.

UMatlala (49) ubhekene necala lokuzama ukubulala nelokwakha itulo lokubulala uTebogo ngokubambisana nabanye abasolwa okungunkosikazi wakhe uTsakane Matlala(owadedelwa ngebheyili kaR20 000) uMusa Kekana (35) noTiego Floyd Mabusela (47), nabo ababhekene namacala afanayo nakaMatlala. 

Isolezwe lithole ukuthi ngo-Okthoba 2023 uTebogo nabangani bakhe bahlaselwa emgwaqweni uN1 eduze kwaseSandton maqede imoto ababehamba ngayo yaqhululwa ngentululwane yezinhlamvu.

Igama likaMatlala livela phambili embikweni kaMkhwanazi obheca ungqongqoshe wamaphoyisa ngenkohlakalo enzima kakhulu. UMkhwanazi usole uMchunu ngokudukisa iPhalamende ngobudlelwano bakhe nozakwabo okuthiwa uhlobene nobugebengu obuhleliwe - uBrown Mogotsi - ikakhulukazi kumathenda kaVusumuzi “Cat” Matlala okwathi nakuba ebhekene nezinsolo zobugebengu, wanikezwa amathenda e-SAPS email eshisiwe. UMkhwanazi ubheke obala umqhafazo phakathi kukaMogotsi noMatlala, bekhuluma ngokuthi ithimba “elihlukumeza” uMatlala “lahlakazwa” kanjani, nokuthi amadokodo ethimba ahanjiswa kanjani kuSibiya.

UMogotsi, ngokusho kukaMkhwanazi, uphinde wathumela uMatlala ikhophi yencwadi ememezela ukuhlakazwa kwethimba elijutshiwe ukuphenya amacala okubulala kwezombusazwe. Kuphinde kwaba khona ukuxhumana okuqondile phakathi kukaMatlala noMchunu, esho.

UMkhwanazi uthe ngemuva kophenyo olunzulu, kutholakale ukuthi uMatlala “uxhasa ngezimali imizamo kaMchunu noMogotsi zepolitiki ekhokhelwa imicimbi abayihlelayo nezindleko zokuhamba.

UMatlala usagqunywe esitokisini nabanye abasolwa kanti kulindeleke ukuthi babuyele enkantolo bonke nomkakhe ngoLwesihlanu mhlaka-11.