UKUPHIKWA nguyise esemncane akuzange kumthene amandla umfundi osebhale incwadi ngokuphikwa nguyise, owaqale waphatheka kabi emuva kokuzwa lezi zindaba kodwa wangavumela ukuthi lesi simo simcindezele.
U-Olwami Shangase (12) ofunda uGrade 6 eMbongintwini Primary, eZimbokodweni, ubhale incwadi esihloko sithi Rejected Treasure lapho echaza khona kabanzi ngokuphikwa nguyise, nokuthi nakuba sekwenzekile lokho akuzange kusho ukuphela komhlaba kuyena.
“Inhloso yami yokuthi ngibhale le ncwadi, ukukhuthaza nezinye izingane eziphikwe oyise ukuthi zivuke zizithathe,” kusho u-Olwami.
Uthe namhlanje useyakwazi ukukhuluma ngalesi simo ngoba kwathi esezwile ngaso etshelwa unina eseneminyaka eyisikhombisa wasamukela nakuba kwakunzima.
Uthe wasizwa ukwesekwa uyise ongamzali owagcina eseshade nonina ukuze aqhubekele phambili nempilo.
“Nginxusa nabazali abangazizali izingane ukuthi baziphathe kahle njengoba nami ngathola ukunakekeleka kubaba ongangizali ngakwazi ukubona ukubaluleka kokunakekelwa komuntu,” kusho yena.
Uthe ufisa ukwazisa nezinye izingane nabazali ukuthi ukuphikwa wubaba nokukhuliswa wumzali ongakuzali akumele kuthathwe njengento osekumele kuhlalwe kuyona kuze kumise impilo yomuntu.
“Namhlanje ngiyaziqhenya ngengiyikho. Ukungavumeli kwami ukucindezelwa yilesi simo kungifundise izinto eziningi njengoba sengisungule nenhlangano yami iTell a Peer Group,” kuchaza yena.
Uthe kule nhlangano ufundisa abanye abantwana abaphikwe oyise ukuthi basukume bazithathe.
Ngaphandle kokubhala le ncwadi, * -Olwami uphinde athule izinkulumo ezikhuthazayo lapho ecobelela khona ngolwazi abanye ontanga yakhe nabantwana ababhekene nezinselelo zokulahlwa oyise, ukuvumbulula amathalente, nokulandela umsebenzi umfundi afisa ukuwenza nokunye okuningi.