KUSIZE abezimo eziphuthumayo ngesikhathi indoda yaseChina isenkingeni kubhajwe isandla sayo emshinini okuthengwa kuwona ngesikhathi izama ukukhipha ithoyizi locansi ebilikhokhele kulo mshini.
Lo mlisa uthi ufike wakhokha wabe eselinda ukuthi liphume ithoyizi lakhe kodwa lutho ukuphuma, wagcina efaka isandla sakhe emshinini ezama ukuliqhwanda. Kuvele ukuthi ubekhathazeke ngokuthi uma eshiya kanjalo kuzocwila nemali yakhe nempahla yakhe ibe ingaphumanga. Ube esenza umzamo wokuyikhipha.
Kuthiwa kuphele imizuzu engamashumi amabili ebhajiwe efuna usizo kwaze kwafika abezicishamlilo. Ukhale ngokuthi uzamile ukushaya ucingo kubanikazi bomshini kodwa abamsizanga yingakho egcine ezama ukuzikhiphela yena impahla yakhe kanti uzokwehlelwa yishwa.
Kuthiwa usifakile kahle isandla sangena ebona imbotshana kulo mshini , konakale uma esezama ukusikhipha sabhajwa. Kuthiwa kuphoqeleke ukuthi uze usikwe umshini ukuze kuphume isandla salo mlisa obedabukisa ngenxa yokubhadla kulo mshini engakwazi ukuhamba aziqhubekele nempilo yakhe.
Akachazanga kabanzi ngokuthi uze athenge ithoyizi locansi nje bekwenzenjani. Ubonge abophiko lwezicishamlilo abafike bamxazulula kule ndawo esediniwe emuva kokuthi abanikazi bomshini kuthiwa abalubhadanga kule ndawo. - The Daily Mail