SESIBHADLE emakhazeni izinyanga ezintathu isidumbu sendoda yaseSikhaleni, ngenxa yombango phakathi kwabakubo nonkosikazi wayo, othi wuye onamalungelo.
Isidumbu sikaMnuz Daniel Thabang Mngomezulu (36) sisahleli emakhazeni eRichards Bay emuva kokufakawa kuwona ngoDisemba nyakenye. Ushone emuva kokugula isikhathi eside, uma sekufanele angcwatshwe zaqala izinkinga. Kuthiwa izindleko zamakhaza zibalelwa kuR69 000 kodwa emakhazeni bathi noma bangafika noR52 000 kuxoxwe.
Unina kamufi, uNksz Bekezile Ngema, uthe isikweletu sikhula mihla namalanga emakhazeni, akanawo amandla okungcwaba ingane yakhe. Uthe inkinga enkulu wukuthi isinqandamathe sikamufi sigweve nesidumbu, sithi yisona esinamalungelo okusingcwaba. Uthe bayezwa ukuthi owesifazane ogweve nesidumbu, uzibiza ngonkosikazi wendodana yakhe kodwa bona abakwazi lokho, bazi intombi engagcagcanga nomufi.
“Isitifiketi sokushona sendodana yami sithi ayikaze ishadelwe. Siyaxakeka uma kuthiwa yayingaganiwe. Into engiyifunayo wukuthi kungcwatshwe ithambo lengane yami kuphela, ukuze ngiphumule,’’ kusho uNksz Ngema ngosizi.
Owesifazane okuthiwa ugweve nesidumbu uthintiwe, wakuqinisekisa ukuthi udaba lonke uyalwazi futhi kunengxabano enkulu phakathi kwakhe nomndeni kamufi. Wale waphetha ukusho igama lakhe, wathi bavumelane nabameli bakhe ukuthi lingabhalwa ephepheni. Uthe kwahlelwa umngcwabo konke kwama ngomumo, kwase kuba nenkinga yemali kodwa usezamile ukuyihlanganisa ukuze kungcwatshwe umyeni wakhe.
“Udaba lusezandleni zabameli bami. Sengiyikhulume kakhulu le ndaba. Mina ngiwunkosikazi kamufi. Kwaphuma amalobolo, sashada ngokwesintu, kwashoda omhlophe kuphela. Ngiphethe incwadi yenkantolo, enginika igunya lokuthi yimi onelungelo lokungcwaba umyeni wami,” kuchaza owesifazane.
Ukugcizelele ukuthi uma ethanda angamngcwaba yedwa, angabafaki abomndeni ngoba uvunwa yinkantolo. Umnikazi wamkhaza uMnuz Mayen Naidoo, uthe sikhona isidumbu, ulinde ukuthi bafike nemali baxoxe ukuthi bangahlangabezana kanjani. Ukuchithile okwezindleko eziphezulu kakhulu, wangafuna ukudalula inani lazo.