Izindaba

'Ubezama ukubamba' indoda owesifazane owebe usana

Zimbili Vilakazi|Published

UMSOLWA esefakwe ozankosi, emva kokubanjwa nosana olwebiwe

Image: Reaction Unit South Africa (Ruasa)

KUSOLWA ukuthi ubezama ukubamba indoda ngosana alwebe kunina emijondolo yaseNsimbini, eCato Manor, ngeSonto, owesifazane ogcine ekhalelwa ngamasongo kaSigonyela izolo.

Umsolwa (21) kuvela ukuthi wahlangana okokuqala nonina wosana olunamasonto amabili luzelwe, ngo-Ephreli 24 kulo nyaka, emtholampilo waseCato Manor.

Kuthiwa wazenza umngani wakhe, bagcina sebehambisana sekugodukwa. Kuvela ukuthi unina wosana wachezuka kuqala wangena emjondolo wakhe, umsolwa waqhubeka nendlela.

Kuvela ukuthi ubesehlale emvakashela nsuku zonke kusukela ngalelo langa.

UMSOLWA esefakwe ozankosi, emva kokubanjwa nosana olwebiwe

Image: Reaction Unit South Africa (Rusa)

Umthombo ongeke uvezwe osondelene nonina wosana obelwebiwe, uthe kwenzeka lesi sigameko nje, umsolwa ubekade efike ngoMgqibelo, ewumuntu ovakashile njengenjwayelo kodwa wagcina esecela ukulaliswa ethola ukuthi sekunombhikisho womphakathi, owawuvale ngasemgwaqweni uN2 ngaseChesterville. 

Uthe ngeSonto bavukile kwakuhle, baze baphelezelana beyokhipha imali egaraji lakwaSasol. 

"Babuya lapho bahlala kancane, unina wosana wase ephuma eyoneka izingubo kulayini wakwamakhelwane eshiya umsolwa nosana, wabuya bengasabonwa."

Umthombo wase-Extension 2, eChesterville, ongumakhelwane wakubo kowesilisa (20) obezombathiswa ibhantshi, uthe kufike unina wowesilisa ngeSonto ntambama ezomtshela ukuthi intombi yendodana yakhe isitetile.

Uqhuba umthombo uthe, nakuba inkukhu ibiwusola umgqakazo kubona njengoba bebelokhu besho ukuthi nakuba lona wesifazane ebehlala ethi ukhulelwe kodwa isisu bebebona ukuthi asikhuli.

“Namuhla ekuseni (esho izolo) ngikhangwe yisaziso ezinkundleni zokuxhumana, abenkampani yonogada, iReaction Unit South Africa (Rusa) besho ukuthi kukhona usana olwebiwe eNsimbini. Kuvele kwaba khona into engitshela kuthi lolu sana okuthiwa lwebiwe yilo lolu olufike nalona wesifazane,” usho kanje.

Uthe ube esebiza unina wowesilisa emkhombisa isazisoi, wase emyalela ukuthi akabuye nalo njengomuntu ozokhombisa (umthombo), okuyilapho ethole khona ithuba lokuthwebula isithombe, wasithumela kwabakwaRusa.

Kuvela ukuthi abakwaRusa bathathe leso sithombe basithumelela umakhelwane kanina wosana, bembuza ukuthi akulona yini usana lwakhe lolu, nebala waqinisekisa ukuthi yilona.

Udalule ukuthi owesilisa obezombathiswa ijazi bese enenye intombi abesha amashushu ngayo, esemchizela umsolwa.

“Sisola ukuthi yikho lo wesifazane enze imizamo yokuthi anakwe yisoka,” kuchaza umthombo.

Imizamo yokuthola unina wosana ibhuntshile njengoba Isolezwe lifike esiteshini samaphoyisa eCato Manor esehanjiswe nalo esibhedlela ukuze luyohlolwa. Kuvele ukuthi angahle alaliswe. Inombolo yeselula kadadewabo, okuthiwa ubehamba naye ibingangeni.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Ntathu Ndlovu, ukuqinisekisile ukuthi amaphoyisa aseCato Manor abophe owesifazane (21), ngecala lokuthumba nelokweba kulandela isehlakalo esenzeke ngeSonto. 

“Kulesi sigameko kuthunjwe usana olunamasonto amabili luzelwe. Kuthiwa unina wosana uvakashelwe wumsolwa abahlangana naye emtholampilo. Kuthiwa kuthe esaphumile eyoneka izingubo kulayini, wabuya umsolwa nosana bengasekho. Iselula yakhe nemali nakho bekwebiwe,” kusho uCapt Ndlovu.

Uthe emva kokutholakala kosana, luhanjiswe esibhedlela, lapho lusaxilongwa khona ukuze  kubonakale ukuthi lusesimeni esikahle yini.

Umsolwa kulindeleke ukuthi avele eNkantolo yeMantshi yaseThekwini kusasa.