UTHI ubezitshela ukuthi sishutha ivideo yomculo isithandwa sakhe esiwumculi owesifazane obethenjiswe uDumi Mkokstad ukuthi uzomlobola, ngesikhathi kuvela izithombe zakhe eshada nodokotela waseMgungundlovu kuleli sonto.
UNksz Amanda Bhengu (28) uthi wethuke woma ebona izithombe zikaDumi ezinkundleni zokuxhumana ngoba wazi ukuthi sekusele izinsuku ezimbalwa ayovela kubo ezocela isihlobo esihle.
UDumi ushade noDkt Ziphozenkosi Mthembu eBrahman Hills ngoLwesine.
U-Amanda odabuka eShowe kodwa osezinze eNanda, eThekwini, usola lo mculi wowokholo ngokumthembisa ukumenza unkosikazi wakhe, maqede washadelwa ngomunye.
U-Amanda uthi ngosuku ashadelwe ngalo uDumi ubemtshele ukuthi uyocula emcimbini eMgungundlovu.
Uthe akazange asole lutho ngoba uxoxe naye kuWhatsApp kwaze kwashaya * -8 ebusuku.
“Ngixakekile ngoLwesihlanu sengibona izithombe zomshado. Ngivele ngadideka ngoba wayengitshele ukuthi akanaye omunye umuntu athandana naye. Wayethe umuntu owake wanaye owasesontweni kodwa kwabuye kwanezinkingana,” kusho * -Amanda.
Uqhube wathi ubengasamtholi enambeni yakhe, kanti nakuWhatsApp ubengasayiphenduli imiyalezo yakhe.
U-Amanda uthumelele Isolezwe ngeSonto imiyalezo phakathi kwakhe noDumi, wathumela ngisho izithombe lo mculi emvezela umphambili wakhe okuhambisana nemiyalezo yocansi leli phephandaba elinayo.
Uthe usuku lokuyovela kubo lukhishwe nguye uDumi athe kwamxaka ngoba bebesasanda kuthandana.
“Besisahlela naye. Usuku walisho ngoba ethi ufuna ukuthi enze into eqondile. Bengingakabazisi ekhaya ngosuku ngoba ngiqonda ukuthi ungumuntu omatasa ngomsebenzi. Bengifuna ukuqale ngibe nesiqiniseko ngoba ngisaba ukuthi mhlawumbe angagcina esehlehlisa,” kusho uNksz Bhengu.
Uthe ube nokudideka ngokuthi ngabe ushade ngempela yini uDumi ngoba ubone kuFacebook kuthiwa bekungasiwo umshado kodwa bekuqoshwa i-video yeculo likaThobekile.
Uveze ukuthi ngaphambi kokuthi uDumi ashade, umthumelele umyalezo othi sekusele izinsuku ezinhlanu ukuthi athumele abakhongi kubo.
Umngani ka-Amanda ocele ukungadalulwa, uthe isenzo sikaDumi sibadumazile ngoba bese bekubheke kabi ukuba izimpelesi emshadweni wabo.
Imizamo yokuthola uDumi ayizange iphumelele, ucingo lwakhe belukhala kancane luvaleke, kanti umyalezo athunyelelwe wona akazange awuphendule
Izolo ubeshada isigaba sesibili sesintu khona eMgungundlovu.