KUVELA ukuthi ubesongelwa usomabhizinisi waKwaMxhosa, KwaMaphumulo okuthiwa udutshulwe wabulawa ehamba nentombi yakhe.
Umufi uMnuz Siphamandla Ngcobo (44), kuvela ukuthi udutshulwe ngabesilisa abangaziwa ngesikhathi ephuma esitolo sakhe, ehamba nentombi ngoLwesihlanu.
Kuthiwa kwehle emotweni abesilisa abane behamba ngePolo, bambuza ukuthi abashongo yini ukuthi bazomthola kwathi uma ephendula umufi base beyaqala bamdubula waphelela khona lapho.
Udadewabo kamufi uNksz Slindile Ngcobo, utshele Isolezwe ukuthi umufi ubulawa nje ubesongelwa abantu angabazi.
Uveze ukuthi umufi ubenezitolo namakhaza kanti bese kuvamile ukuthi athole imiyalezo emsongelayo.
Uthe kodwa bekungacaci ukuthi abamsongelayo ubangani nabo.
"NgoLwesine olwedlule kade nginaye, kufone owesilisa wamtshela ukuthi uma engenzi okufanele lizoduma limthathe. Ngimbuzile ukuthi owesilisa ukhuluma ngani wathi naye akazi, udidekile ufana nami," echaza.
Eqhuba uthe umufi uyibuzile indoda ebisocingweni ukuthi yini le okumele ayenze, yamphendula ngokuthi uyazi yena umufi.
"Ubehlezi engitshela mina ukuthi usethola izingcingo ezimsabisayo kodwa ngingamnaki. Lezi zingcingo uma ngingaphosisi ziqale ukumhlupha ngonyaka odlule," kuchaza yena.
Uthe ucingo lokuqala waluthola ngoKhisimusi, kufona owesilisa owathi uma engenzi okufanele uma kuqala unyaka, kuyacaca ukuthi lona wuKhisimusi wokugcina awudlayo.
Uqhube wathi ngenxa yokwethuka, umufi akazange aphendule kodwa kunalokho wamane waluvala ucingo, wangenwa ngamanzi emadolweni.
Ngesikhathi intatheli ibuza kuNksz Ngcobo ukuthi ngempela abazi yini ukuthi yini le nto obekuthiwa akayenze umufi, uthe naye udunguza ebumnyameni.
Uthe umufi akanazo izitha wathi bafuna ligcine livelile iqiniso ukuthi ngubani obengenza into embi kanje kumfowabo.
Kushaye esokushicilela amaphoyisa engayiphendulanga imibuzo athunyelelwe yona.