WILLEM PHUNGULA
SEKUVELE ukuthi akalubhadanga emngcwabeni womyeni wakhe umsakazi woKhozi FM.
UNonhlanhla ‘Mdonso Ngcobo ubeshade nephoyisa, uNathan Pottier waseShowe, oshone ngenyanga edlule. Kuvela ukuthi uMdonso akamngcwabanga umyeni, okukholakala ukuthi yingoba wayesethole ukuthi usesuliwe njengowayezohlomula emshwalenseni wokungcwaba nowemali owawuzophuma emva komngcwabo.
Ukungabi bikho kukaMdonso kufihlwa umyeni, kuyaphambana nakutshele leli phephandaba ngesonto eledlule lapho athi konke kwahamba kahle emngcwabeni, akuzange kube khona kubhekana ngeziqu zamehlo phakathi kwakhe nabasemzini.
Umfowabo kamufi, uMnuz Trevor Kelly uthe lo msakazi akazange abekhona emngcwabeni futhi akukho muntu wakubo owafika. Uthe esezoshona umfowabo waya koshintsha uMdonso emshwalenseni wakhe, wafaka unina wezingane zakhe ezimbili nazo izingane.
Embikweni odlule ngalolu daba uMdonso waphika walala ngomhlane ukuthi yena nomyeni bese bedivosa, wathi ngamampunge nokuthi bebengasazwani ngoba konke bekuhamba kahle phakathi kwabo. Emaphepheni esehlukaniso abonwe yileli phephandaba, okuvela ukuthi ayefakwe ngumyeni, ubalula sona isizathu sokuthi udivosa umkakhe ngoba uthe akakhethe phakathi kwakhe nezingane zakhe. Umufi kuthiwa wakhetha izingane zakhe. Emaphepheni edivosi kuvela ukuthi uPottier bagcinana noMdonso ngoJuni, okuyinto ayiphikile lo msakazi njengoba ngeledlule uthe bagcinane ngo-Okthoba. Uze waveza ukuthi bebehlala nomyeni wakhe eThekwini.
UKelly uthe umfowabo ushone esenakekelwa nguNksz Fikile Mkhize owayengunkosikazi wakhe wokuqala. Uthe umfowabo wazama wahluleka ukumelana nengcindezi ayeyifakwa nguMdonso, owayemtshela emehlweni ukuthi akakhethe ukuthi ufuna ukuhlala nobani phakathi kwakhe nezingane.
Ethintwa uMdonso ngalokhu uthe ucela ukungabe esaphawula.
“Ngicela ukungasho lutho-ke manje,” eshaya ngamafushane.