OWESILISA waKwaZulu-Natal obulawe yiCoronavirus kuthiwa imiphumela yokuthi unaleli gciwane ubeyithole ngoLwesihlanu.
UMnyango wezeMpilo kuleli uthe le ndoda yaseMnambithi eneminyaka ewu-74 eshone ngeSonto ibisanda kubuya eKruger National Park lapho kade ibivakashele khona nomndeni wayo.
Isitatimende sakamuva somnyango sithi le ndoda ibuye inezimpawu zomkhuhlane yahlolelwa leli gciwane, imiphumela yokuhlolwa kwayo ekhombisa ukuthi ngempela inalo leli gciwane iphume ngoLwesihlanu.
Isibalo sabanaleli gciwane kuleli sesenyukele ku-1280.
Le ndoda kuvele ukuthi ibinomdlavuza wesikhumba nawo obusuhambe kakhulu egazini layo. Izimpawu ebezibonakale kuyo yinkinga yokuphefumula, ukungasebenzi ngendlela komgudu wokuphefumula, inkinga yenhliziyo, izinga lokushisa elingaphezulu kuka-38.
UDkt Zweli Mkhize, uNgqongqoshe wezeMpilo kuleli, uthe umndeni kamufi, abasebenzi bezempilo abangu-14, kubo okukhona odokotela abangongoti abathathu abake basondelana nomufi, babekwe bodwa ukuze bangasondelani nabanye abantu.
“Sikhalisana nomndeni ngokudlula kwelungu lawo. Ngithanda ukubonga abasebenzi bezempilo ababebheke lesi siguli kwaze kwafika isikhathi saso sokudlula emhlabeni,” kusho uMkhize.
* Khonamanjalo, uNdunankulu wakulesi sifundazwe uMnuz Sihle Zikalala noNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi, uNkk Nonhlanhla Khoza, bavakashele ezikhungweni eziholela impesheni ePort Shepstone, izolo, beyohlola ukuthi ngabe iyalandelwa yini imigomo.
UZikalala uthe amalungiselelo okuhola abenziwe kahle, abahola impesheni bebenikezwa uketshezi olubulala amagciwane.
“Nokho imigqa emide esiyibonile iyasikhathaza nokuthi abantu bebesondelene, sikhulumile nabantu sibeluleka ngemiphumela emibi yokusondelana base beyalilungisa iphutha. Inhloso yokuthi kumiswe ukwenziwa kwezinto ezijwayelekile ukuthi kunciphe abantu abathola leli gciwane. Sikhathazekile ngokuthi leli gciwane selisabalale laze langena ezindaweni zabantu abantulayo, okubalwa kuzo nemijondolo kanti sekukhona nomuntu oshonile ngenxa yaleli gciwane. Asizithibe sihlale emakhaya ukuze kunciphe ukusabalala kwegciwane. Sizolinqoba leli gciwane uma silalela okushiwo abasebenzi bezempilo,” kusho uZikalala.