UBONGA uthishomkhulu wakhe owamkhuthaza ukuthi abuyele esikoleni umfana waseBuchanan, eMpangeni, obeseziphilisa ngokuqhuba izinqola zasesitolo kwaCheckers enxanxatheleni yezitolo, iSanlam Centre, khona eMpangeni.
USphamandla Madela (25) obefunda u-matric eMondini High, ungomunye wabafundi abahleka bodwa kulezi zinsuku ngemuva kokuphasa * -matric.
Uthe ubuyele esikoleni ngo-2018 ukuyofunda uGrade-11 ayewufeyile ngo-2014.
“Uthishomkhulu wami, uNkk PT Mkhize, wayehlale, ekhathazeka uma engibona ngiqhuba izinqola kwaCheckers.
“Ubehlale engincenga ukuthi ngibuyele esikoleni. Wayengafuni nokuyizwa eyokuthi ngisebenza ngokuqhuba izinqola esitolo. Ngelinye ilanga amazwi akhe ahlaba ephukela kimina, ngaze nganquma ukuvele ngibuyele ngempela esikoleni,” kusho uSphamandla.
Uthe kwamphatha kabuhlungu ukufeyila uGrade 11 ngo-2014, waze waqoka ukuyeka isikole ahambe ayosebenza.
“Ngangingazi ukuthi ngifeyile kanjani. Ngavele ngaduba.
“Ngaqhubeka nokuyoqhuba izinqola. Wumsebenzi engawuqala ngisafunda uGrade 6, ngezimpelasonto uma ngingafundi.
“Ngangenzela ukuthola imali ukuze ngisize umama owayesesele nomthwalo wokondla izingane eziyisikhombisa, sekushone ubaba,” kuchaza uSphamandla.
Uthe ngesikhathi eyeka isikole, waqashwa ngokugcwele ukuthi aqhube izinqola, okwamsiza ukuthi akwazi ukuthola izincwadi zokushayela nokufundela ukuba ngunogada.
Umndeni wakhe, uthe nawo ubungayizwa eyokuthi wayeka isikole, okwenza ukuthi umshayele ihlombe ngesikhathi esebuyela esikoleni.
Uthe ukuphasa * -matric kumbuyisele inhlasi yethemba ngokuthi impilo yakhe neyomndeni wakhe isizoshintsha.
“Umsebezi wokuqhuba izinqola udelelekile. Kodwa mina ngiyawubonga ngoba ngemali yawo ngikwazile ukuthi ngizifundise ngondle nomndeni wami.
“Ngiyambonga uthishomkhulu wami ngokungalilahli ithemba ngami. Mhlawumbe bengiyoze ngife ngingenaso isitifiketi sika-matric.
“Kuvele kwahlengezela izinyembezi ngibona ukuthi ngiphasile,” kusho uSphamandla.
Uveze ukuthi uhlela ukuyokwenza izifundo ze-Electrical Engineering kwelinye lamakolishi
njengoba ephase ngeHigher Certificate.