KUSOLWA ukuthi ubengagadiwe umfana oneminyaka eyisithupha ominze ebhishi laseLa Mercy, eThekwini izolo.
Abezimo eziphuthumayo bathi ubengekho umuntu omdala obegade lo mfana njengoba etholwe esolwandle yedwa.
Okhulumela ebezimo eziphuthumayo iNetcare, uMnuz Shawn Herbst uthe, “sizamile ukwenza i-CPR kodwa ngemuva kwehora sabona ukuthi akasekho.”
Uqhube wathi umufi ubeze ebhishi nomfana nentombazane abaneminyaka elinganiselwa ku 12 kuya ku 17, abebengabonwa nangokhalo ngesikhathi kutholwa isidumbu.
Uthe laba ababili bafike emva kwendaba sebekhihla esikaNandi.
Okhulumela amaphoyisa esifundazweni uCaptain Nqobile Gwala uthe amaphoyisa asoThongathi avule idokodo lokufa komuntu. “Kusolwa ukuthi izolo ngo 15.30 umfana ona-6 ubebhukuda eLa Mercy Lagoon ebhishi, waba nobunzima wagwiliza. Abosizo lokuqala baqinisekise ukuthi ushonele endaweni yesigameko,” kusho uGwala.
Kuze kwashaya isikhathi sokushicilela Isolezwe lisazama ukuthola imininingwane yomndeni