KUBOSHWE amadoda amabili asolwa ngokuqola uthisha ongumfelokazi uR1.8 million wemali yempesheni.
Enye yamadoda aboshiwe ibisithandana nomfelokazi.
Umfelokazi (57), ongeke adalulwe ngenxa yophenyo, uthe akazi ubeluthwe yini ukukholwa yisoka ebeselikhuluma nendaba yomshado. Imali aqolwe yona uyithole emuva kokwesula emsebenzini wobuthisha ngoMeyi esefundise iminyaka ewu-27.
Akanasiqiniseko seminyaka yesoka athe lincane kakhulu kunaye azane nalo ngoFebhuwari. Isoka, elingelokufika, lafika kuye lihamba nomfowabo ongumthandazi. Imihlangano ibiyenzelwa, eNew Germany, ngasePinetown.
“Ngesikhathi ngiqala ukubonana nomfowabo ngangisesitolo, wangilandela ehamba nomunye, bacela inombolo yami yocingo. Ngagcina ngiyikhiphile. Ngibe sengifonelwa yilo sagcina sesithandana. Ngisola ukuthi bangisebenzisele umuthi ngoba bengithobela umthetho,” kusho umfelokazi.
Uthe eNew Germany ubefika nesoka bese umfowabo ekhanyisa amakhandlela, kukhulume izwi obekuthiwa yidlozi. Idlozi liqale ngoMashi ukufuna uR20 000 ukuze umfelokazi nesoka bagezwe babe nezinhlanhla.
“Nganqaba ngagcina ngikhokhe uR14 000. Izwi ebelikhuluma lingitshele ukuthi nginezinhlanhla futhi kunemali enkulu engizoyithola kodwa kumele ngenze okushiwo yidlozi. Ligcine lingitshela ukuthi angisule emsebenzini, imali ngiyilethe ithandazelwe ukuze kuchume amabhizinisi,” kusho umfelokazi.
Imali yokwesula emsebenzini ewuR1.9 million yaphuma ngoJulayi.
Ngo-Agasti 7 wakhipha uR600 000 walandelisa ngomunye ngakusasa. Usola ukuthi abasebhange bebehlangene nala maqola ngoba bebengenankinga nokukhipha kwakhe imali. UR600 000 wokugcina wawukhipha ngo-Agasti 14.
“Emuva kwalokho bathi angiyohlala ekhaya izinsuku eziyisishiyagalolunye ngithandazele ukuthi kuchume ibhizinisi, ngibuye ngoSepthemba 3 ngizolanda yonke imali. Ngafika khona sekuthuthiwe,” kusho umfelokazi.
Uthe izingane zakhe ezintathu esezimxolele, uzitshele sekuphele yonke imali.
Omunye wesifazane oqoliwe waseBizana, naye onguthisha, uthe uyesaba ukukhuluma nabezindaba ngoba kuzokonakala icala.
Okhulumela amaphoyisa esifundazweni, uCaptain Nqobile Gwala, uthe amadoda aboshwe ngoMsombuluko aneminyaka ewu-28 no-32 abanjwe efuna indawo yokuhlala ePinetown. Izolo amaphoyisa abenenkomba. Anxuse abanye okungenzeka ukuthi baqolwa ukuthi baxhumane noLieutenant Colonel Mwelase ku-083 661 0358.