IZOGQUNYWA ezitokisini kuze kube ibuyela enkantolo ngoLwesibili inkakha yomculo wehip hop, uThulani "Pitch Black Afro" Ngcobo, ethweswe icala lokubulala umkayo nokuphazamisa ukusebenza kwengalo yomthetho.
UPitch Black Afro ubevele eNkantolo yeMantshi yaseGoli ngoLwesine ntambama ngemuva kokuboshwa ngoLwesithathu. Usolwa ngokubulala umkakhe uCatherine "Tricia" Modusane besendaweni yokulala iBed and Breakfast eYeoville, eGoli, ngoDisemba 31.
Amaphoyisa athe isidumbu sikaCatherine satholakala endlini eseshonile.
Ekuqaleni kwakukholakala ukuthi uzishonele kodwa kuthe uma kuphenyisiswa kwatholakala ukuthi akunjalo kwase kuvulwa idokodo lokubulala.
Ngesikhathi evele enkantolo, uPitch Black Afro uveze ukuthi akanayo imali yokukhokhela ummeli. Ube esecela ummeli wesihle.
Icala lakhe lihlehliselwe uLwesibili ukuze kuzoqinisekiswa ikheli lakhe nokuthi akanawo yini amanye amacala.
Lo mrepha ubebonakala ethukile ngengesikhathi eyongena ebhokisini.
Umngani, ongafunanga ukuthi igama lakhe lishicilelwe, uthe uwumngani walezi zithandani futhi uzozeseka zombili.
"Ngizokweseka uTricia noThulani. Ngangingekho (ngesikhathi isigameko senzeka). Ngigcina ukumbona sasihleli siphuza futhi sidlala umculo. Bebenandisa eMpumalanga muva nje ngakho babedlala izingoma eziqoshiwe ayezozicula."
Le ndoda ithe igcine ukubabona emasontweni amabili edlule ngaphambi kokushona kukaCatherine.
Ithe yathuka ngesikhathi izwa lezi zindaba.
"Bengingalindele ukuthi kwenzeke. Angicabangi ukuthi uThulani, anginaso isiqiniseko."
Lona wesilisa uthe usebe wumngani noPitch Black Afro kusukela besakhula futhi unenhliziyo encane kodwa akanalo udlame.
"Unamalimu futhi leyonto imenza abe nenhliziyo encane."
Uthe babeqashe iB&B eYeoville ngoba babehlale behamba beyonandisa.
Awekho amalungu omndeni abesenkantolo.