ULALE ebaliwe owesilisa osolwa ngokuvimbezela abantu ebhilidini elisenkabeni yeTheku, emgwaqeni u-Anton Lembede, ngoLwesine ntambama.
Lo wesilisa kubikwa ukuthi ubehlome ngesibhamu nesiqhumane ngesikhathi evimbezela abantu ebhilidini, iSalmon Grove Chambers.
Amaphoyisa abizelwe endaweni yesigameko ngabo-2 ntambama kanti ngokombiko walawo abeseduzane nodaba kodwa angagunyaziwe ukukhuluma nabezindaba, kuvela ukuthi lesi sigameko besenzeka emahhovisi eGovernment Employees Pension Fund (GEPF) futhi senziwe ngumuntu obesebenzela uhulumeni. Kusolwa ukuthi ubenesikhalo esithinta imali yakhe yempesheni.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, ukuqinisekisile ukuthi lo wesilisa ubekhalaza ngempesheni yakhe kodwa njengamanje amaphoyisa asathatha isitatimende kuye kulandela ukumbopha.
Abezimo eziphuthumayo, abebebizelwe kulesi sigameko, bathe akulimalanga muntu.