UPHAKAMISE iKwaZulu-Natal umfundi obefunda engalali wasoSizweni, eNewcastle, uBongumenzi Ndlovu (17) ohlonishwe nguNgqongqoshe weMfundo eyiSisekelo, uNkk Angie Motshekga ngokwenza kahle kwa-matric.
UBongumenzi, ofunda eZama High, ungomunye wabafundi abahlonishwe nguNkk Motshekga emcimbini obekumenywe kuwo iziqengqe ezidabulile ebezenza u-matric ngo-2018.
Uthe ukuzikhandla efunda yikhona okumenze wadabula ezifundweni zakhe.
“Bengicela ngisho kubaba ukuthi angivuse ngabo-9 ukuze ngifunde. Izimpelasonto bengizichitha esikoleni ngifunda ngoba ngifuna ukuba ngudokotela,” kusho uBongumenzi.
Lo mfundi udabule o-A kwisiZulu, English, Maths, Life Orientation, Geography, Life Sciences nePhysical Science. Uthe ufuna ukuba udokotela owelapha inhliziyo ngoba bancane kakhulu kuleli.
“Ngifake isicelo somfundaze kwiCyril Ramaphosa Foundation. Ngizofaka nesicelo kwiNSFAS ukuze ngiqhube lezi zifundo. Okwamanje angikazitholi izimpendulo.”
Uyise, uMnuz Sipho Ndlovu, uthe waze wakhononda kuthishanhloko ngokuthi ingane yakhe ibisifunda ngendlela exakile.
“Ngaya kokhalaza kuthishanhloko ngokuthi ufunda akasalali. Ngangikhala ngoba ngibona ukuthi kuzogcina kuphuma lokhu abese ekufundile. Wangehlisa amaphaphu wathi kungcono mina engikhathazwa ukuthi ingane yami iyafunda wathi abanye abazali bakhathazwa ukuthi izingane zabo azifundi,” kusho uNdlovu.
Uthe ekukhuleni kwengane yakhe ibilokhu yenza kahle iqoqa nezindondo.
“Anginayo imali yokumqhuba enyuvesi yaseKapa lapho efake khona isicelo sokwenza iziqu zobudokotela. Angifuni ahlale ekhaya ngifuna afeze iphupho lakhe ngoba uyakuthanda ukufunda.”