Izindaba

Ube yimpumelelo umcimbi wokugubha iminyaka engu-20

Nokulunga Mkize|Published

OBENANDISA uDJ Happygal Isithombe: Bongani Mbatha

UNDUDUZO Khowa odlala indawo kaRaphael kuZalo

BADELE amakhaza bafika ngobuningi babo abafundi beSolezwe ngesikhathi ligubha iminyaka engu-20 lasungulwa, emcimbini obuse-Artizen Restaurant and Lounge, ngeSonto.

ABE-EITA Radio kusukela kwesobunxele, uNce Kubheka, Praisegod Mpungose, Nkosinathi Mdunge, Londekile Xulu, noSir Sbonelo Dee Isithombe: Bongani Mbatha: African News Agency /ANA

Isolezwe aligcinanga ngokunandisa kuphela kodwa liphinde lanikela ngezipho kwikhaya labaphila nokukhubazeka iHlahlindlela Club for the Disabled.

AMACIKO abezonandisa. Kwesobunxele uSlaviit Fikizolo, Mreva Da DJ, CheesenatorBTM, MC Wonder ZA, Andale D Dancing vocalist Isithombe: Bongani Mbatha: African News Agency /ANA

Uhlelo beluphethwe nguNduduzo Khowa odlala indawo kaRaphael kuZalo kanti ekade benandisa bekukhona uDJ Happygal namaciko ahlukene.

Bekukhona nemisakazo yemiphakathi ethe ngeke isale ngaphandle uma kwenziwa into enhle okubalwa i-Eita radio neVibe FM.

ABANYE ekade behambele umcimbi. Kwesobunxele uSandile Goba noNduduzo Khowa odlala indawo kaRaphael kuZalo noSgqebhe Maphalala ngesikhathi Isolezwe ligubha Bongani Mbatha: African News Agency /ANA
ABANYE babaxhasi emcimbini weSolezwe. Kusukela kwesokunxele, uNksz Minenhle Ngcobo, nomnikazi we-Artizen, uMnuz Sphiwe Mcanyana, umhleli weSolezwe, uNksz Kiki Ntuli, owophiko lwezokukhangisa kwiSolezwe, uNksz Phumi Mkhize, Mnuz Sandile Xulu, Nksz Fezeka Mchunu noNksz Xolile Majangazana Isithombe: Bongani Mbatha

Bebehamba nabaxhasi abenze usuku lwaba yimpumelelo, uMnuz Sandile Xulu weSM Xulu Assurance, uthe ukuthokozele kakhulu ukuba yingxenye yalo mgubho ngoba uthole ithuba lokufaka isandla kuleli khaya futhi njengomuntu owakhulela KwaMashu, kuyamthokozisa ukulekelela elokishini lakhe.

UMCULI we-hip-hop, uMnuz Shaun G Isithombe: Bongani Mbatha: African News Agency /ANA

ABANYE babaxhasi, iAdnotes connecting Communities kusukela kwesobunxele, uMnuz Nkosinathi Mbele, Nksz Nomcebo Mabaso, Nksz Njabulo Mhlungu noMnuz Mthokozisi Gumbi Isithombe: Bongani Mbatha: African News Agency /ANA

UNksz Fezeka Mchunu wePhakade Holdings, uveze ukuthi ukhiphe imali engangoR10 000 ukulekelela ikhaya labaphila nokukhubazeka likwazi ukukhokha imali yendawo yokuqasha izinyanga ezimbili.

Abanye abafake uxhaso wuMnuz Sbu Mjwara weFruit and Veggie ne-Adnotes Connecting Communities.

ABEBEYINGXENYE yomcimbi weSolezwe. Kusukela kwesobunxele uNksz Londi Biyela, Nksz Thalente Hadebe, Nosihle Khuzwayo, NkszThando Mcanyana, Mnuz Nhlanhla Khubheka noNksz Samkelisiwe Khanyile