OWAYENGUNGQONGQOSHE ehhovisi likaMengameli uNksz Bathabile Dlamini usulile ePhalamende Isithombe: David Ritchie/Independent Media

OBENGUNGQONGQOSHE ehhovisi likaMengameli, uNksz Bathabile Dlamini, usulile esikhundleni sakhe sokuba yilungu lePhalamende.

UNksz Dlamini, ophinde abe wuMengameli woPhiko lwaBesifazane lwe-ANC, ujoyine abanye ababengongqongqoshe abasulile ngemuva kokusala ngaphandle kwikhabhinethi entsha kaMengameli Cyril Ramaphosa.

Isimemezelo senziwe ngoLwesibili ekuseni kungakapheli sikhathi esingakanani uMhuz Jeff Radebe noMnuz Siyabonga Cwele besulile.

Okhulumela i-ANC uPule Mabe nosotshwebhu wale nhlangano ePhalamende uNksz Pemmy Majodina bakuqinisekisile ukusula kukaNksz Dlamini.

Ngesonto eledlule ababengongqongqoshe uNkk Nomaindia Mfeketho, Tokozile Xasa, Susan Shabangu, noDipuo Letsatsi-Duba basulule ekubeni amalungu ePhalamende.

Owayengungqongqoshe wezeMvelo uNkk Nomvula Mokonyane akangenanga ePhalamende ngemuva kokuthi iqembu elibusayo lamqoka ukuba wuSihlalo woziHlalo.

Kwenzeka lokhu nje, kulindeleke ukuthi kufungiswe amalungu amasha e-ANC alinganiselwa kwayisithupha namhlanje ntambama ukuba azovala izikhala zabasulile nabangazamukelanga izikhundla zabo.

Kubonakala ngathi ukwesula kukaNksz Dlamini kuzokwamukelwa ngazo zombili ngamaqembu aphikisayo abengamfuni ngemuva kwesixakaxaka esithinta inhlangano ebhekelele ukukhishwa kwezibonelelo zikahulumeni iSouth African Social Security Agency.  

IOL