USOLA abasondelene naye owesilisa waseMlaza ongenelwe ngabazibize ngamaphoyisa, maqede bathatha imali yenkomo yelobolo, ebisendlini, phakathi kwamabili izolo.
UMnuz Lungisani Cele (34) ukholwa ukuthi kunomuntu asondelene naye obenolwazi lokuthi kunoR15 000.
Uthe imali ubezoyinika umukhwe wakhe izolo bese eyokhokhela inkomo okuzokwemuliswa ngayo ingoduso yakhe ngoMgqibelo.
“Umukhwe ubezosebenzisa le mali ukumulisa ingoduso yami ezokwemula nodadewabo abathathu, ngoMgqibelo eNdwedwe. Imali besizoyihambisa namhlanje (izolo) bese eyoqedela ukukhokhela izinkomo ngayo,” kusho uCele.
Izolo uthe kuphoqeleke ukuthi avukele emabhange nakomashonisa ayoboleka imali.
Uthe izigebengu eziyisithupha zibe nobuchule obumdidile. Uthe zifike phakathi kwamabili zangqongqoza zakhanyisa umjondolo wakhe ngamathoshi.
“Zithe zingamaphoyisa, ngavula. Ngempela bengicabanga ukuthi ngamaphoyisa ngoba ababili abangene kuqala bebefake umfaniswano wawo. Babuze umfowethu, ngamlandula bathi bazozibhekela ukuthi akekho yini. Sebebonile ukuthi akekho bajika bathi angikhiphe isibhamu, ngathi anginaso, baqhubeka bapekequla umbhede nezingubo.”
Uthe kungene amanye amadoda amane abengawufakile umfaniswano.
Uthe ubuze ukuthi angobani kwaphendula laba ebebekequla endlini bathi nabo bangamaphoyisa bayahambisana.
“Ngibe nakho ukusola ukuthi akuwona amaphoyisa uma sekungena laba kodwa ngathula. Bangibuze ukuthi iphi imali. Ngabuza ukuthi imali yani? Omunye wabo ungikhombe ngesibhamu wangishaya ngaso esiphongweni wathi ngeke bezwe ngami ukuthi bawenze kanjani umsebenzi wabo. Ngibakhombise enye ijakhethi ebilenga bathola uR2 000. Bathi iphi enye ngathi ayikho. Laba abangene kamuva bebengishaya, bethi angisho ukuthi ikuphi imali. Ngeshwa ejakhethini ebinoR15 000 ibinenye imali eyisiliva okuthe uma ithinteka yakhala, base beyikhuthuza bathola le mali,” kusho uCele.
Ngemuva kokuthola imali uthe amadoda amtshele ukuthi azohamba naye.
“Ngiphume nabo endlini, oyedwa engikhombe ngesibhamu. Wenze sengathi uyadubula kodwa yangaphuma inhlamvu, nami bese ngididekile, angibonanga ukuthi baphelele kuphi,” kuchaza yena.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala, uthe amaphoyisa aseMlaza aphenya icala lokubanjwa inkunzi kuhlonyiwe kodwa akukaboshwa muntu.