UNGQONGQOSHE wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha neMvelo KwaZulu-Natal, uMnuz Ravi Pillay, ucele osomabhizinisi ukuthi balandele umthetho emuva kokuboshwa komshayeli weloli obethwele amakesi kabhiya wangaphandle abiza uR1.9 million.
UPillay uthe uyazi ukuthi osomabhizinisi bathikamezekile ngenxa yeCovid-19 kodwa utshwala kabuvumelekile ukudayiswa ngenxa yokuthi izibhedlela zithwala kanzima ngabantu abalimala uma bedakiwe.
Lo mshayeli weloli ubethwele amakesi awu-1 890 kabhiya wangaphandle okuthiwa uwulande edepho ekuSydney Road, eThekwini.
Lo bhiya ubuya eGoli kodwa ngebhadi amaphoyisa aseMbilo awubamba ungakaphumi KwaZulu-Natal.
Umshayeli weloli ubekwe icala lokuhambisa utshwala ngokungemthetho.
“Amaphoyisa athole ukuthi bekuphulwa imithetho yokuvalwa kwezwe ngokwesigaba sesithathu ngamabomu. Icacile imithetho ngoba akuvumelekile ukudayisa nokuhambisa utshwala kulesi sikhathi. Umthetho uzothatha indawo yawo. Umshayeli weloli ubengenayo imvume yokuthwala utshwala,” kusho uPillay.
Ukhumbuze osomabhizinisi ukuthi izwe libhekene nesifo esidlondlobala ngendlela exakile, imindeni ishonelwe ngabathandiweyo bayo kanti nabasebenzi bezempilo bayashona nsukuzonke.
Ukudayiswa kotshwala uthe kubhebhethekisa iCorona ngakho ababushushumbisayo bazojeziswa.
“Ngeke sivume ukuthi abantu bashushumbise utshwala, sizobabopha sisebenzisana namaphoyisa. Sicela osomabhizinisi ukuthi bahwebe ngendlela ehlelekile. Siyaziqonda izingqinamba ababhekene nazo. Amanye amabhizinisi avaliwe ngenxa yeCovid-19 kodwa sifuna ukuhlenga impilo nemisebenzi. Imithetho ayibekelwanga ukujezisa osomabhizinisi kodwa yenzelwe ukusivikela sonke,” kusho uPillay.
Uthe bazoqhubeka nokuxoxa nosomabhizinisi basebenzisane nayo yonke imikhakha ebhekene nezingqinamba kulesi sikhathi ukuze bathole izixazululo.