OSOLWA ngokubulala ingane ngesikhathi eyofakwa evenini yamaphoyisa erenki yaseYMCA eThekwini izolo OSOLWA ngokubulala ingane ngesikhathi eyofakwa evenini yamaphoyisa erenki yaseYMCA eThekwini izolo
ULAHLWE elakubo ebanjwa ngosomatekisi, owesilisa obesezama ukugibela itekisi ebheke eMozambique, obebaleka nengane yakhe nosolwa ngokubulala enye ayishutheke ngaphansi kombhede.
Lesi sigameko senzeke izolo erenki eseYMCA eThekwini lapho ebesengungwe khona yiqulu labantu lo wesilisa bembophe nezinyawo.
Kuthiwa umsolwa ubesele nezingane ezimbili eMaoti, eNanda, unina esaye emtholampilo, okuthe uma esebuya unina wafica ingane yakhe yokuqala ishuthekwe ngaphansi kombhede isishonile kanti endlini besekukhala ibhungezi engasabonwa umsolwa nengane yakhe enezinyanga eziyisithupha.
Ingane eshonile akuqinisekiswanga ukuthi ibineminyaka emingaki.
Isolezwe lifike kuqala kule renki lafica umsolwa ehlaliswe phansi waboshwa izinyawo, besho ukumqeda osomatekisi abebekhona.
Amaphoyisa abe esefika emuva kwemizuzwana lapho emthathe khona umsolwa amvalela evenini nenqwaba yezimpahla abezogibela nazo itekisi eliya eMaputo.
Ngesikhathi kushayelwa unina wezingane ucingo kutholakale ukuthi ungu-Akhona kodwa sangatholakala isibongo, ubuziwe ukuthi uyazi yini ukuthi ikuphi ingane yakhe encane, wathi “intshontshiwe”.
“Ngibuye emtholampillo ingane yami isishonile, le enye intshontshiwe ngisola ubaba wayo.” Kuthe uma etshelwa ukuthi ingane itholwe noyise begibela erenki, wavele wasidinda isililo okuphethe ngokuthi avale ucingo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala, uthe kuboshwe umsolwa oneminyaka ewu-23 ngecala lokubulala kanti uzovela maduze enkantolo njengoba kusenziwa uphenyo.