KULINDELEKE ukuthi abingelele imantshi yaseMlaza owesilisa (33) oboshwe ngamaphoyisa ehostela iGlebelands, izolo.

Lo wesilisa uboshwe ngamaphoyisa izolo emuva kokuthi amaphoyisa aseMlaza nakaMasipala weTheku elandele umkhondo owaholele eGlebelands.

Esitatimedneni esithunyelwe amaphoyisa athe lo wesilisa ubekwe icala lokukhomba umuntu ngesibhamu, yingakho eboshiwe.

Icala aboshelwe lona lithinta ukukhonjwa ngesibhamu komnikazi we-tuck shop eseGlebelands ngoMeyi 13.

Umnikazi we-tuck shop wakhonjwa ngesibhamu ngabo 7.40 ebusuku. Owesilisa oboshiwe wazama ukudubula kodwa isibhamu sanxapha.

Umnikazi wesitolo wabe esevula icala lokukhonjwa ngesibhamu eliphenywayo.