UQHATHWE yiToyota Fortuner asanda kuyithenga owesifazane waseCamperdown, okuvela ukuthi uqole iSouth African Social Security Agency (Sassa) izigidi.
Owesifazane (37) oboshwe amaphoyisa ophiko lweCrime Intelligence, ibambisene neProvincial Organised Crime ngeledlule, kuvela ukuthi wayesebenza kwaSassa kodwa wabuye wesula.
Umthombo weSolezwe, olwazi ukusuka nokuhlala udaba ongeke uvezwe, uthe angaphezu kuka-180 amakhadi atholwe amaphoyisa kowesifazane ngesikhathi egasela kwakhe ngoLwesine eyophenya.
“Ubehola izibonelelo zikahulumeni ezehlukene ngawo wonke la makhadi. Kukhona ahola ngawo izibonelelo zabantu asebekhulile, kube esabakhubazekile, esezingane ezashonelwa abazali kanjalo neseqolo,” kusho umthombo.
ENingizimu Afrika isibonelelo sezaguga singu-R2 1.15 kwabaneninyaka engu-60 kuya kwengu-74, sibe ngu-R2 335 kwabaneminyaka engu-75 kuya phezulu. Esabahola impesheni yokukhubazeka singu-R2 315, kube u-R1 250 kwabahola isibonelelo sabantwana abangenabazali, bese kuthi iqolo libe wu-R560.
“Njalo ngenyanga ubehamba ayoyikhipha le mali kuwo wonke la makhadi bese eyifaka ebhange lakhe,” kusho umthombo, oveze ukuthi ibhange lakhe linemali elinganiselwa kuR6 million.
Uthe cishe ebhange lakhe ubevamise ukufaka imali elinganiselwa kuR80 000 njalo uma eyofaka imali.
Udalule ukuthi ikhadi ngalinye belibhalwe igama ‘lomnikazi’ nenombolo yalo eyimfihlo.
Kuvela ukuthi imoto ayithenge ezinyangeni ezimbalwa ezedlule ibiza uR600 000 kanti uyithenge ngokheshi.
Kuphinde kwavela ukuthi unemizi yenani likaR3 million ezindaweni ezehlukene, ekhokhelwe yaqedwa. Kuyona kukhona lo abanjwe ekuwo oseCamperdown kanjalo nongaseMhlanga.
Kuthiwa ebantwini ubehambe ethi usebenza kwashukela futhi unebhizinisi lokupheka, okuthe uma kubukwa impilo ayiphilayo, izibalo zangahlangana.
“Abantu bebekhathazwa wuhlobo lwempilo ephezulu ayiphilayo, bexoxa, nokuholele ekutheni izinkulumo zihambe zize ziyofika ezindlebeni zamaphoyisa, abe eseqala uphenyo,” kusho umthombo.
Kuvela ukuthi nakuba esayeka ukusebenza kwaSassa kodwa ubesaqhubeka nokuhola imali yezipoki nyangazonke futhi ekwazi ukwenza ubugebengu bakhe bokuvuselela esebenzisa ubuchwepheshe.
Imizamo yokuthola ukuphawula kweSassa namaphoyisa ayiphumelelanga izolo kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela.