Amaphoyisa ayaphenya ngomsubathi obelahlekile otholakale ePhoyinti
Image: ALS PARAMEDICS
Kudingeke ukuba kuvalwe thaqa uPoint Road namhlanje ekuseni kutholakala umsubathi okubikwe ukuthi anyamalale ngemuva kokuqeda icomrades marathon.
Kubikwe ezinkundleni zokuxhumana ngeSonto ntambama izihlobo zingasamtholi ocingweni futhi engabonwa ndawo. Abanye abantu baveze ukuthi bamubonile egudla ngasolwandle eqhamuka ngaseSun Coast kodwa abazi uphelelephi ngoba nano babe hamba indlela yabo.
Umlayezo womunye ophawule ngokubona lo wesifazane obelahlekile
Image: Facebook
Abezimo eziphuthumayo ngaphansi kwenkampani i-ALS Paramedics batshele abezindaba ukuthi lo wesifazane utholwe esesimweni esibucayi kakhulu. Uphuthunyiswe esibhedlela ngendiza enophephela emhlani.
Kumanje amaphoyisa KwaZulu-Natal aphenya amacala ngokuduka komgijimi weComrades Marathon okubikwa ukuthi udukile ngemuva komjaho. Lo wesifazane utholwe ngoMsombuluko ekuseni ngemuva kophenyo olunzulu lwamaphoyisa ophiko lweSearch and Rescue, esebenzisana nabanye abomthetho kanye nezinhlaka ezizimele. Utholwe endaweni yasePhoyinti eThekwini. Kumanje lona wesifazane usesibhedlela kanti nakuba etholakale engenamyocu obonakalayo, amaphoyisa azolinda umbiko kadokotela ozocacisa ngokulandelayo okumele kwenziwe ngamaphoyisa.