AKUVUMI nokuthi adle uninakhulu
womfundi kaGrade 9 eNhliziyo High, uSnenhlanhla “Sne” Mthiyane (14), isidumbu sakhe esitholakale ehlathini lasesigodini saseMakhambana, KwaMpukunyoni, eMtubatuba, ngeSonto ngabo-2 ntambama.
UNkk Msingisi “MaThethwayo” Mthiyane uthe okubaphethe kabi kakhulu wukuthi izinkomba zithi ngumfowabo kamufi okuzalana oyise futhi abebehlala naye emzini owodwa owenze lokhu.
“Bengingekho ekhaya ngiyobheka
izinkomo kodwa obekhona ungitshelile ukuthi kufike umfowabo kaSne ngesikhathi ematasatasa epheka ekhaya ngeSabatha (ngoMgqibelo) ngabo-6 ntambama.
“Ubefuna ayomthengela ugwayi. Ingane ihluleke ngisho imchazela ukuthi isematasatasa, iyapheka kodwa wayiphoqa ngenkani ukuthi iyomthengela ugwayi.”
UNkk Mthiyane uthe umzukulu ugcine ehambile ukuyothenga ugwayi. “Okusenza sisole umfowabo wukuthi
abasesitolo bathi nomfowabo ufikile ethi usezothenga umentshisi, baphuma sebehambisana.
Uthe uthukile sekuhlwa umzukulu engabuyi.
“Simbuzile umfowabo ukuthi umshonisephi, wavele wathi akazi kodwa elokhu eyaluza, engenasinqe.
“Sithe uma siphuma
endlini, waqoqa zonke izimpahla zakhe, weqa ekhaya. Kukhona abathi bambone namhlanje (esho ngoMsombuluko) ngakwaBhoboza ebheke ngasoPhaphasi,” kusho uNkk Mthiyane.
“Ukube lo mfana ufike ngikhona bekungeke kwenzeke lokhu.”
Isidumbu sikaSne size satholakala ehlathini elingasesikoleni iMakhambana Primary ngeSonto, ubelimele entanyeni nasebusweni.
UNkk Mthiyane uthe abakazi noma udlwenguliwe yini umufi.
Okhulumela amaphoyisa akwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala, uthe likhona icala lokubulala elivulwe esiteshini samaphoyisa sakwaMsane, eMtubatuba.
“Intombazane eneminyaka engu-14 kubikwa ukuthi ilahlekile kwathi
ngo-Okthoba 6 kwatholakala isidumbu sayo sinamanxeba okulimala,” kuphetha uCaptain Gwala.
Uthe akukaboshwa muntu.