UBABES Wodumo nonina emngcwabeni kaMampintsha e-ICC Isithombe: TWITTER/ MAMTHIYANE
UNGENE eshaye ezimhlophe e-ICC eThekwini uBabes Wodumo ezovalelisa kumyeni wakhe uMandla Mampintsha Shimora Moses Maphumulo ongene ngebhokisi elimhlophe. Lo mngcwabo ubuhlanganise umndeni kaBabes Wodumo wakaSimelane, okaMampintsha wakaMaphumulo nowakomalume bakhe kaGumede kanjalo nezihlobo nabangani. Izikhulu zikahulumeni, abaculi nosaziwayo bemikhakha eyahlukene nabo bebeyingxenye yenkonzo. Yize bekuwumzuzu obunzima kuBabes Wodumo kodwa ubezama ukuziduduza ngomculo anyakaze adanse uma kudlalwa izingoma zeBig Nuz.
UBabes Wodumo ekhuluma ngomyeni wakhe uveze ukuthi ukhulume kabanzi naye esibhedlela ngaphambi kokushona emqinisekisa ukuthi uyamthanda kakhulu.
" Ezinsukwini zakhe zokugcina washo ukuthi uyangithanda noma ngiqine kangaka ngikwazi nokukhuluma. Ngambhonya kwaze kwakhala onesi ngingakholwa, okungixakayo uzewahamba emhlabeni enganginikanga iphini yeselula sakhe. Kulokhu kungena izincingo ngiyazibuka angikwazi ukuyivula. Amadoda ayohlala engamadoda agangile ngoba ayikho engaphingi," kusho uBabes Wodumo kuqhuma uhleko naye ephela insini.
UMampintsha ushiye emhlabeni unina uNksz Zamanguni Gumede, uyise uMnuz Thembinkosi Maphumulo indodana yakhe uNhlanhla Hlelolwenkosi Sponge, odadewabo nabafowabo kanjalo nozakwabo kwiBig Nuz uDanger. UMampintsha ngo-2015 kungazelele muntu wavula isitebele esikhulu somculo iWest Ink nesigabe ngonkosikazi wakhe uBabes Wodumo. Akagcinanga lapho kodwa waqopha umlando ngo-2021 eshadelwa uBabes Wodumo maqede baba nohlelo lwethelevishini olumayelana nempilo yabo, uThando Lodumo olungezinye zezinhlelo ezihamba phambili kuleli.
Ekhula eLindelani naseMlaza uMampintsha wangena ekwayeni yasesontweni kanti uzogcina esengumculi ovelele. Ngo-2002 baqala ibig Nuz noR Mashesha ongasekho emhlabeni kanjalo noDanger, ngo2004 ethi iZozo, ngo-2006 basayinwa uDj Tira e-Afrotainment lapho kwaphuma khona i-albhamu yesibili ngo-2008 okubalwa nengoma ethi uBala Lolo nezinye. Ngo-2009 kwaqopheka umlalo nge-albhamu yesithathu ethi Undisputed eyayigabe ngengoma ethi Umlilo ishisa izikhotha, iwola izindondo yaze yahlukanisa nonyaka.
Related Topics: