UMPHATHI ophinde abe ngudadewabo wendlovukazi yomculo wegqom', uNondumiso Simelane, uphika ulala ngomhlane ukuthi uBabes Wodumo ubedla izidakamizwa isidana ngesikhathi enengxoxo noNkululeko "Tha" Simelane kwi-Instagram Live ngoLwesine.
Ekhuluma neTshisa Live, uNondumiso uthe ngamanga aluhlaza lawa ashiwo nguTha ngodadewabo ukuthi ubesebenzisa i-cocaine phambi kwakhe nokuthi futhi akasoze uBabes ayeka ukudla izidakamizwa.
"Uma ubukela iLive, uzokufakazela lokho. Wonke umuntu obuke iLive akayibonanga iCocaine, ngakho yileyo impendulo yami. Ngakho sekusicacele bha, mayelana nodaba lwe-cocaine, bekungekho cocaine ebonakele futhi nababukeli beLive basho njalo."
Kwi-video uBabes ubukeka edakiwe noNondumiso uyavuma ukuthi ubebukhile kodwa waphika ukuthi bekuyi-cocaine.
"UBabes akanankinga. Iyodwa nje into oyibonile futhi ayivumile ukuthi ubematasatasa ephuza. UbeneSavanna noma okunye. Ukushilo futhi lokho bukhoma.
'Ey bafowethu ngiyaphuza'. Kodwa bekungekho'-cocaine, yilokho nje." Indaba ye-cocaine idalulwe wuTha emuva kokukhuluma noBabes futhi uze wakhala kakhulu uTha emuva kokuvalelisa kuBabes.
Strength to Babes Wodumo 😔 😢 😭 💔 pic.twitter.com/IzHVsq5iXP
— Man’s NOT Barry Roux (@AdvoBarryRoux) June 5, 2020
UTha uthe kumele uBabes athandazele ukuthi uNkulunkulu angambulali ngoba engambulala nanoma yinini maqede wathi "UBabes ngeke aze ashintshe...UBabes uthathe i-cocaine (izidakamizwa) ngimbuka, abantu bembuka...ngeke aze ashintshe."
Ngaphambi kokuqala kwale ngxoxo uBabes kuthiwa ukuvezile ukuthi ngeke akhulume ngoba udakiwe. Uphumele obala ukuthi izinkinga abhekene nazo kubo yizo esezimphendule isigqila sotshwala.
UTha ubepheka uBabes ngemibuzo ohlelweni lwakhe aluqale ku-Instagram olubizwa ngeSA Diamond Divas, aseke wakhuluma kulo noTDK Macassette, Tipcee noBusiswa.