IKHASI ELIKHOKHELWE
Ngenkathi kubhoke ubhubhane iCovid-19 izinkulungwane zamaqhawe aseNingizimu Afrika ziqhubekile nokusebenza, ziletha ulwazi, ithemba nosizo kulabo abahluphekile kunazo. Umkhankaso wakwaMTN “i-Everyday Heroes’ unxuse abantu baseNingizimu Afrika ukuthi ‘bakhonze’ emaqhaweni abo besibenzisa i#WeGoodTogether ezinkundleni zokuxhumana, kanti isizwe sisabelile.
NgoNcwaba nangoNtulikazi wonke kungene izinkulungwane zemingenelo, kusho uJacqui O’Sullivan, isiKhulu seziNdaba zokuXhumana kwaMTN South Africa. “Umkhankaso wethu ulethe izindaba ezithintanayo zabantu baseNingizimu Afrika, zibonga labo abenza ngcono impilo ngezenzo zabo zesihawu. Isikhathi esiningi la maqhawe asebenzisa isikhathi sawo nemali yawo ukunciphisa ubunzima obuzwiwa ngabaningi.”
Lapha sibone abahlengikazi bekhankasela ama-heater ukuze bafudumeze amawodi ezibhedlela zabo; abasebenzi bebhekana ngqo nezimo ezinzima ukuhlinzeka ngezidingo ezimqoka; izintatheli zisekhaleni; othisha besiza abafundi abahlwempu ngokubafundisa besemakhaya; abantu nezinhlangano beletha ukudla okuphekiwe; abantu benakekela izilwane ezidukile; izindawo eziphephile zabantu besifazane, izingane nentsha abadinga ukukhosela namalungu omphakathi esiza amakhaya ahlwempu ukubhekana nokuphelelwa wumsebenzi, ukhwantalala nezinye izinselelo, kanti nabanye abantu abaningi nezinhlangano eziningi bonke bahlonishiwe.
Shaya lapha ukubona ukuthi umkhankaso i#WeGoodTogether uwabonge kanjani ama‘Everyday Heroes’ ezweni lonke.
“Siyaqonda ukuthi izinsiza zomuntu nokuzinikela kukhona lapho kuhamba kuphele khona, yingakho sizonikela ngezimpahla nezinto ezimqoka ezidingeka kakhulu ebantwini nasezinhlanganweni eziqokiwe ezingu-30 ukuze zikwazi ukuqhubeka nemisebenzi yazo yokufukula umphakathi, zikwazi ukufinyelela ebantwini abaningi,” kusho u-O’Sullivan.
Kuze kube manje abantu abangezansi bathole iminikelo ngasekupheleni kuka-Agasti.
• USibusiso Masombuka, uthisha nomphathi wezemidlalo eGreenside High School osize abafundi ngokubafundisa besemakhaya ngesikhathi sakhe ubedinga i-laptop ukuze akwazi ukufundisa. Ngenxa yothando nokuzinikela kwakhe emsebenzini, uSibusiso unikwe uR5 000 wakhe, uR20 000 wesikole sakhe nomnikelo wejezi wegembu le-basketball aliqeqeshayo
• U-Steven Maila, ilungu leSPCA yaseSandton, ubekhipha imali ephaketheni lakhe ukunakekela izilwane eziningi ezilahlekile, ezama ukuziphakela nokuzifudumeza ngenkathi zinganakwe muntu ngenkathi kubhoke ukuhlupheka ebantwini. U-Steve unikwe u600kg wokudla kwezinja, imibhede nezingubo zezinja nethikithi lokuthenga likaR20 000 ukuze akwazi ukuqhubeka nomsebenzi wakhe.
• U-Rohin Singh, umpheki ohlonishwayo waseGoli ngothando lwakhe lokudla, ubephakela abahlwempu. U-Rohin uphiwe i-grill enkulu, isitofu esikhulu nohhavini omkhulu nethikithi lesipho sokudla lokuthenga ukudla ukuze ezokwazi uphakela abanye abahlwempu nabalambile.
• I-Waiting in the Wings SA, ebiphakela labo abahlwempu isidlo sasekuseni ekhishini layo nsuku zonke zesikhathi somgonqo ngaphezu kokunikela ngezijumbane emakhaya abahlwempu aseGoli, unikwe uR68 000 ukuze iqhubeke nomsebenzi emphakathini
• U-Ingrid Mhlungu, owenza ukuthi izakhamuzi zase-Alexandra ziphephe ngokwenza, ukunikela nokudayisa izifonyo ezinhle ukunqanda ukubhebhetheka kweCoVid-19, unikwe imishini yokuthunga emikhulu ne-overlocker nezindwangu ukuze afukule ibhizinisi lakhe.
“Kuyajabulisa ukwazi ukuthi umlando weCOVID-19 ngeke ube mubi kuphela nokuthi ngeqhawe ngalinye elibongwayo, kunezinkulungwane zawo ezikhona. Sethemba ukuthi umnikelo wethu uzoletha usizo oludingekayo ukwenza ukuthi la maqhawe aqhubeke nomsebenzi wawo. Lilonke, sethemba ukuthi umkhankaso ube yimpumelelo yokubonga abantu baseNingizimu Afrika ngamunye abasebenza ngokuzikhandla ukuletha ushintso,” kuphetha u-O’Sullivan