BAKHIHLE isililo phambi kweNkantolo yeMantshi eMidrand Branch abaculi u-Arthur Mafokate nowayeyisinqandamathe sakhe uCici ngoLwesine.
Lokhu kwenzeke ngemuva kokuba inkantolo ibize uCici ukuzokwethula ubufakazi ezohlonywa imibuzo ngummeli kammangalelwa uLeane Fick.
Kuleli cala uMafokate umangalelwe ngezinsolo zokushaya nokuhudula uCici esigamekweni esenzeke nyakenye. Naye uMafokate ubopha uCici ngelokushaya.
UMafokate uyaliphika icala lokushaya ngenhloso yokulimaza kanzima.
Okudale ukuthi uCici akhihle isililo kube wumbuzo wommeli kammangalelwa ombuze ukuthi kungani ecabanga ukuthi uMafokate wayazi ukuthi wayengaphansi kwemoto.
Lo mbuzo udale ukuthi uCici noMafokate bakhale.
“Ngikholwa wukuthi wangizwa kodwa wakhetha ukuziba,” kusho uCici.
Uthe isizathu esibekwa nguMafokate sokuthi kwakumnyama engamboni singamanga.
UCici uthe ngosuku uMafokate afika ngalo esibhedlela ezombona, wambuza ukuthi wayengami ngani. Wamphendula ngokuthi wayenqena ukuthi uzombangela umsindo.
Ngemuva kokuphendula kanje, bobabili baqhubeke bakhala kakhulu.
UCici ukhale ngokuthi uMafokate akakaze akhombise ukuzisola ngesenzo sakhe okuyinto ayefisa ukuyibona nokuzwa ezehlisa ecela uxolo.
Icala liyaqhubeka.