Izindaba

U-Angie Motshekga ubonge abafundi, othisha nabazali

Zimbili Vilakazi|Published

ABAFUNDI baka-matric ka-2021 abaphumelele ngamalengiso eNingizimu Afrika Isithombe: SITHUNYELWE

KUNCONYWE abafundi baka-matric ka-2021 abafunde ngokuzimisela yize befunde ngaphansi kwezimo ezinzima ngenxa yokuhlasela kweCovid-19 iminyaka emibili ilandelana.

Lokhu kushiwo uNgqongqoshe weMfundo eyiSisekelo, uNkk Angie Motshekga izolo ngesikhathi ebonga abafundi abalinganiselwa ku-20 abahlonishwe umnyango wakhe ngokwenza kahle ezifundweni zabo.

ABAFUNDI baka-matric ka-2021 abaphumelele ngamalengiso eNingizimu Afrika Isithombe: SITHUNYELWE

Umcimbi oyisipesheli ubusehhotela iHoughton eGoli.

UNkk Motshekga uthe abafundi baka-matric ka-2021 kufanele bazishaye isifuba ngokuphumelela ngoba bayikilasi lokuqala elifunde iminyaka emibili ilandelana ngaphansi kwesimo esibucayi esidalwe ukufika kweCovid-19.

“Nina niyikilasi elizihambela lodwa, elingasoze lafaniswa namanye aphambilini. Ngo-2020 nichithe isikhathi eside ningekho esikoleni ngenxa yeCovid-19. Ngo-2021, naphoqeleka ukuthi nibhukule, nizame ukubuyisa sonke isikhathi esilahlekile nihleli emakhaya. Akudlali ukubhala iphepha lokugcina lika-matric elahlelwa eminyakeni emithathu edlule, iCovid-19 ingakabibikho,” kusho uNkk Motshekga.

Uthe laba bafundi kufanele bazi ukuthi umnyango uyaziqhenya ngokusebenza kwabo ngokuzikhandla.

Ekhuluma nabebehambele umcimbi uthe kufanele kuthi uma behamba bahambele phezulu ngoba akudlali ukuba umfundi obaqwaqwade bonke emakhanda ekubeni ukade ufunda ngaphansi kwezimo ezinzima.

“Umnyango uyanibonga ngokuqopha umlando ongaka yize benifunda ngaphansi kwezimo ezibucayi,” kusho uNkk Motshekga.

Uqhube wathi umnyango uyababonga nothisha ngokuzama konke okusemandleni abo ukuthi baqinisekise ukuthi u-matric ka 2021, ufunda ngokuzimisela kuze kube sekugcineni.

“Nisebenze kanzima nifundisa ngaphansi kwezimo ezinzima, nizama ngakho konke okusemandleni ukubuyisa isikhathi sokufunda esilahlekile ngo-2020, umnyango uyaziqhenya ngomsebenzi wenu. Siphinde sibonge nothishanhloko ngokuba abashayeli bale nqola,” kusho uNkk Motshekga.

Uphinde wabonga nabazali ngokuba nesibindi sokudedela izingane zabo ziyofunda yize ukuphepha kwazo bebekungabaza.