OWAYEYISIKHULU esiphezulu enkampanini iBosasa uMnuz Angelo Agrizzi, uphuthunyiswe esibhedlela sikahulumeni esingaphandle kwejele izolo exinwe ngukugula.
Okhulumela uMnyango wezokuHlunyeleliswa kwezimilo uMnuz Singabakho Nxumalo, ukuqinisekisile ukuthi u-Agrizzi uyiswe esibhedlela wathi kodwa usesesimeni esihle.
Kwenzeka lokhu nje ummeli wakhe uMnuz Daniel Witz, uthe bazosiphonsela inselelo isinqumo senkantolo yamacala emali ePalm Ridge, sokumnqabela ibheyili ngoba ithi uhlulekile ukuveza ukuthi unemali ayifihle kuma-akhawunti athize e-Italy.
U-Agrizzi unqatshelwe ibheyili ngoLwesithathu ekade evele enkantolo nasolwa naye uMnuz Vincent Smith, owayeyilungu le-ANC ePhalamende, engusihlalo wekomiti lezamajele. Bobabili banamacala okukhwabanisa. USmith nenkampani yakhe i-Euroblitz, babekwe icala lokukhwabanisa.
Encwadini yasenkantolo uMbuso usola uSmith ngokuthi * -Agrizzi nowayengumphathi weBosasa uMnuz Gavin Watson, bamgwazela ngemali engaphezu kukaR800 000, esengusihlalo wekomiti.
Lokhu kubandakanya nokufaka ingqalasizinda yezokuphepha emzini wakhe oseRoodepoort, nokukhokhela imoto eyaba sengozini imali enguR395 000.
Yonke le mali yayifakwa kwi-akhawunti yenkampani yakhe i-Euroblitz.
USmith uma kungena le mali wayeyidlulisela kwi-akhawunti yakhe.
USmith waqala ukuvela enkantolo ngo-Okthoba 1, wathola ibheyili kaR30 000.
NgoLwesithathu u-Agrizzi ubevele okokuqala enkantolo ngemva kokudedelwa esibhedlela, kuthiwa unokufa okumxakile okungazange kudalulwe.
Ufike enkantolo ephethe isifutho somoya, esisiza ukuba aphefumule kahle.
Unqatshelwe ibheyili kwathiwa akazange aveze konke ngemali ayitshale kwamanye amazwe, okubalwa nempahla. Inkantolo ithe akazange akuveze lokhu evele kuyo le nkantolo ngoFebhuwari 9 ku-2019, nokuthi une-passport yase-Italy.
Ngonyaka odlule wavela enkantolo ehambisana nowayeyisikhulu samajele uMnuz Linda Mti, besolwa ngenkohlakalo elinganiselwa kuR1.9 billion. Ngonyaka odlule waphuma ngebheyili kaR20 000.