KWESOBUNXELE u Ngizwe Mchunu noKhathide Tshathugodo ' Ngobe bekuma Satma ngempelasonto KWESOBUNXELE u Ngizwe Mchunu noKhathide Tshathugodo ' Ngobe bekuma Satma ngempelasonto
SIZWE BLOSE
I ZIPHATHIMANDLA zoKhozi FM kuzomele zilisukumele uhlelo olwenziwa nguNgizwe Mchunu noKhathide Ngobe olubizwa ngoSigiya Ngengoma.
Abaphathi boKhozi FM bake baba semoyeni benxusa abalaleli ukuba baveze imibono yabo ngokwenzeka kulo msakazo, baphawule ngabakuthokozelayo nokungabathokozisi.
Umsakazo mubi ngento eyodwa ngoba wonke umuntu uyathanda ukuzwakala kuwona. Okubuhlungu wukuthi abaphathi kabanazinhlelo okubenza bangazwakali emoyeni ekubeni benalo uthando lokuzwakala kuwona.
Angazi-ke noma abaphathi boKhozi FM behambisana noZamambo Mkhize ophethe i-SABC kulesi sifundazwe babezimisele ngokuzi-zwakalela emoyeni yini mhla bethi abalaleli abazwakalise imibono ngokwenzeka oKhozini. Abantu baphawula ngezinto eziningi abangazithokozeli nezibajabulisayo ezenzeka kulo msakazo.
Lezi zikhulu ezihloniphekile zathembisa ukuthi zizobuya zizotshela abalaleli ngezinqumo ezizithathile ngokushiwo yibona, okunye kwakho kwakuthinta amapentshisi asohlelweni lukaChilli M, udaba lukaMfundisi Sthembiso Zondo, kukhona nabakhala ngengevu ezinsizweni zoTalagu.
Ukungabuyeli kwezikhulu ebantwini kubeka isithombe esibi ngalo msakazo, omunye angathi zivikela abasakazi zikhohlwe ngabalaleli kumbe kazikwazi noma ziyanqena ukuthatha izinqumo ezinqala.
Angisho ukuthi kumele bangenelele njalo ezinhlelweni kodwa kukhona lapho kudingeka uvo nesinqumo sabo njengabaphathi.
Ohlelweni lukaNgizwe noTshatha, kukangaki ngizwa abantu bekhala ngesipepe salaba basakazi, abanye baze bathumele izikhalo zabo emaphepheni?
Kodwa lesi sipepe silokhu siqhubeke njalo kulolu hlelo. Kukangaki ngizwa abantu bekhala ngokuphapha okweqile kwalezi zinsizwa zoTalagu, kukangaki ngizwa abantu bekhala ngamahlaya abo angahlabahlosile?
Lokhu kungenza ngizibuze ngiziphendule ukuthi, ngabe abaphathi balo msakazo bayalulalela yini lolu hlelo noma cha? Uma belulalela kungani pho bengangeneleli?
Ukuba abaphathi baneqiniso ngabe bayabeluleka laba basakazi ngokuthi abehlise ukuphapha, bayeke amahlaya angasile, behlise nengevu nokugxeka abezindaba emoyeni. Usuyanda kubasakazi nalo mkhuba wokugxeka izintatheli emoyeni ngaphandle kokuxhumana nazo kulandelwe nemigudu efanele.
Izikhalo ngalolu hlelo zenza ngibone ukuthi abalandeli balo bazithandela umculo nje kuphela kulona.
Mhlawumbe kungasiza ukuzihlukanisa lezi zinsizwa, omunye asakaze umaskandi omunye umbhaqanga.
Cha ngeke ngivume ukuba zixoshwe ngoba baningi abazithandayo nami ngingomunye wabo kodwa mhlawumbe zidinga ukwehlukaniswa.
Umsakazo mubi ngento eyodwa ngoba abaphathi bashintshwa mihla namalanga. Laba abakhona banganqena ukuthatha izinqumo ezingayisa lolu hlelo phambili kanti kungenzeka kufike omunye ozovele angayiboni nje indaba yalolu hlelo. Akumele kuze kufike lapho-ke ngoba siyazithanda lezi zinsizwa kodwa azilungise isimo sazo.
Kugqame bha kumaSouth African Traditional Music Achievement Awards abese-Eastern Cape ukuthi abalaleli balo msakazo abaneme neze ngalaba basakazi.
Okokuqala uKhozi FM lunabalaleli abaningi kunoMhlobo Wenene. Ngabe siqamba amanga uma sithi uKhozi FM aluzamanga ukubagayela amavoti ukuze babuye nezindondo kodwa kuyacaca ukuthi indlela abenza ngayo seyibame emphinjeni abalaleli. Abaphathi boKhozi mabalubhekisise lolu hlelo ngoba luyanhlanhlatha, baze badlulwe nawu-Daddy ezifikela nje ngabalandeli abaningi.
Noma ngabe abaphathi boKhozi FM abaliboni iphutha kodwa ngingasho ngingananazi ukuthi kukhona okushaya amanzi ngalolu hlelo. Bengingazi ukuthi ngizobona ko-facebook sekubhalwa ukuthi “ wajika Tshatha noNgizwe, senashaywa wuMbixane iminyaka emibili ilandelana nenza ngani.”
“Wukuthi sesalibala yingevu kanye nezindaba ezingahlangene nathi ngesikhathi somsebenzi, uMbixane ebe ematasatasa edlala umculo.”