UMNUZ Angelo Agrizzi owayeyisikhulu esiphezulu eBosasa Facilities Management uthi babalelwa ku-80 abantu abebesohlwini lokugwazelwa zinyanga zonke kule nkampani.
U-Agrizzi udalule lokhu ngoLwesihlanu njengoba esaqhubeka nokufakaza kwikhomishini kaJaji Raymond Zondo ephenya ngokulawulwa kombuso yidlazana.
NgoLwesine uZondo uke wayimisa ikhomishini yakhe ephenya ngokusetshenziswa kombuso yidlanzana ngabo 2 ntambama, ngemuva kokuthola izikhalo zabantu akade bengenelisekile ngezokuphepha.
“Asizange sisaqhubeka ngo-2 ntambama ngenxa yokuthi bekunodaba lwezokuphepha oluthinta ikhomishini. Kubalulekile ukuthi abantu abazofakaza bazizwe bephephile uma bethula ubufakazi futhi sidinga ukunika abasebenzi ithuba lokwenza umsebenzi wabo,” kusho uZondo.
Ikhomishini imiswe emuva kokuthi uMnuz Angelo Agrizzi owayeyisikhulu esiphezulu saseBosasa ethe, ubone uMnuz Solomon Segale owayeyiphoyisa futhi osebhekelele ezokusebenza eBosasa engena kule khomishini.
“Ngibone uSegale engena ema namaphoyisa afake umfaniswano wawo. Ngicabanga ukuthi usebenzise ikhadi lakhe lasemaphoyiseni ukungena kule khomishini ngaphandle kwamaphepha avumelekile. Ngikhathazekile ngokuba khona kwakhe,” kusho u-Agrizzi.
U-Agrizzi useke wathola izinsongo zokuthi uzobulawa uma eke wakhuluma ngezinto azaziyo futhi useyaqashwa.
Ngaphambi kokumiswa kwekhomishini u-Agrizzi ubethula ubufakazi ekhuluma nge-video ebikhombisa lapho kugcinwa khona imali yaseBosasa.
Kule video bekubonakala isikhulu saseBosasa uMnuz Gavin Watson ebala imali u-Agrizzi athe yayisetshenziselwa ukugwazela amathenda.
Kule video engamaminithi ayisithupha uWatson ubonakala enomuntu ayesebenzisana naye uMnuz Johannes Gumede noMnuz Papa Leshabane bebala imali ewuR1 million eyizitaki zikaR50 000.
U-Agrizzi uthe le mali yayivalelwa nemininingwane ebalulekile yaseBosasa bese ikhokhelwa abantu ukuze iBosasa ithole amathenda.
Uveze ukuthi wacela uMnuz Andries van Tonder owayephethe ezezimali eBosasa ukuthi aqophe lapho uWatson ayenza khona izigameko zomgwazo ngo-2017.
“Baningi abasebenzi baseBosasa ababengayithandi indaba yomgwazo kodwa kungelula ukuthi bakhulume ngoba babemsaba uWatson. Ngiye ngafuna ubufakazi obuphathekayo ngoba bengazi ukuthi uma ngiza kwikhomishini ngingaphethe lutho bekuzothiwa imina engangigwaza.
“Bengifuna ukukhombisa abantu baseNingizimu Afrika ukuthi kulula ukugwazela abantu. Sasitshelwa ukuthi singamadoda amhlophe ngakho ngeke siyithole imisebenzi lokhu kwangenza ukuthi ngizame ubufakazi obuphathekayo ukuze uma kwenzeka okuthile ngazi ukuthi nginento ebambekayo,” kusho u-Agrizzi.
Uthe kwakunzima ukuphila kubona ngoba wake wabizewa emhlanganweni nephoyisa athe liyingozi uMnuz Nkosana “Killer” Ximba.
UXimba wayengumhlobo wowayeyinhloko yezobunhloli uMnuz Richard Mdluli futhi waphelelwa wumsebenzi ngo-2015 emuva kokulahlwa yicala lokuthi wahlukumeza isigebengu esidayisa izidakamizwa uRadovan Krejicir.