UMNUZ Duduzane Zuma oseveze ukuthi uzimisele ukufakaza phambi kweKhomishini kaZondo. Isithombe: Reuters/Siphiwe Sibeko

INDODANA yalowo owayengumengameli kuleli, uMnuz Jacob Zuma, uDuduzane, isivumile ukuzofakaza kwiKhomishini ephenya ngokulawulwa kwamandla ombuso yidlanzana.

Abameli baZuma ngoMsombuluko bathe usekulungele ukufakaza ukuze kuzokwanda amathuba okuthi bakwazi ukupheka ngemibuzo abanye babantu asebefakazile kule khomishini.

Encwadini efundwe u-Adv Paul Pretorius, oyingxenye yabameli bekhomishini, uZuma udalule ukuthi usezimisele ukufakaza.

“Uzimisele ukuzofakaza phambi kweKhomishini ngobufakazi obethulwa uMnuz Mcebisi Jonas. Sicelwe ukuthi sikudalule lokhu kwiKhomishini,” kusho uPretorius.

Usihlalo weKhomishini, uJaji uRaymond Zondo, uthe kuhle ukuthi uZuma usefuna ukwethula ubufakazi futhi lokhu kuzombeka endaweni efanayo nalabo abafuna ukupheka ngemibuzo abanye bababntu asebefakazile kwiKhomishini.

UMnuz Mcebisi Jonas, owayeyiPhini likaNgqongqoshe weziMali, osola umndeni wakwaGupta ngokuzama ukumgwazela ngoR600 million ngonyaka ka-2016.

UJonas waveza ukuthi uMnuz Ajay Gupta wamtshela ukuthi bahlela ukumenza uNgqongqoshe wezeziMali uma ezobambisana nabo.

Ngesikhathi efakaza uJonas waveza ukuthi kwakukhona nendodana kaZuma emhlanganweni abanawo namaGupta.

Icala elisenkantolo ngalobu bukhonyovu lihlehliselwe uJanuwari, ngo-2019, ngemuva kokuthi uZuma adedelwa ngebheyili kaR100 000.

Ngaphandle kwaleli cala, uDuduzane ubhekene namacala amabili okubulala ngokungenhloso engozini yemoto eyenzeka ngo-2014.